Category: Lithini iBhayibheli

Concordance

  • Lithini iBhayibheli Alpheus – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana Alpheus

    Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Alpheus

    Mathewu 10 : 3
    3 uFiliphu, loBartolomewu; uTomase, noMathewu umthelisi; uJakobe ka-Alfewu, noLebewu othiwa futhi uThadewu;

    Marku 3 : 18
    18 noAndreya, noFiliphu, noBartolomewu, noMathewu, noTomase, noJakobe ka-Alfewu, noThadewu, noSimoni umKhanani,

    Marku 2 : 14
    14 Esadlula, wabona uLevi ka-Alfewu ehlezi endaweni yokuthela, wathi kuye: “Ngilandele. Wasukuma wamlandela.

  • Lithini iBhayibheli akekho ophelele – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana akekho ophelele

    Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo akekho ophelele

    KwabaseRoma 3 : 23
    23 Ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu;

    KwabaseRoma 3 : 10
    10 njengokulotshiweyo ukuthi: Kakho olungileyo, hatshi loyedwa;

    KwabaseKolose 3 : 12 – 14
    12 Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani izinhliziyo zesihe, umusa, ukuthobeka, ubumnene, nokubekezela;
    13 nibekezelelana, nithethelelane, uma umuntu enensongo komunye;
    14 Phezu kwakho konke lokho yembathani uthando, oluyisibopho sokuphelela.

    EkaJokobe 1 : 19 – 20
    19 Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, wonke umuntu makasheshe ukuzwa, ephuze ukukhuluma, ephuze ukuthukuthela;
    20 Ngokuba ulaka lomuntu alukwenzi ukulunga kukaNkulunkulu.

    Kwabase-Efesu 4 : 32
    32 Kepha yibani nomusa omunye komunye, nihawukele, nithethelelane, njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngenxa kaKristu.

    EkaJokobe 4 : 11 – 12
    11 Lingakhulumi kubi, bazalwane. Ohlambalaza umzalwane wakhe, ahlulele umzalwane wakhe, ukhuluma kabi ngomthetho, wahlulela umthetho;
    12 Munye ummisimthetho, onamandla okusindisa nokubhubhisa; ungubani wena owahlulela omunye na?

    Luka 6 : 31
    31 Nalokho enithanda ukuba abantu benze kini, yenzani kanjalo nani kubo.

    Izaga zikaSolomoni 26 : 12
    12 Uyambona umuntu ohlakaniphileyo emehlweni akhe na? kukhona ithemba ngesiwula kunaso.

    Kwabase-Efesu 4 : 26
    26 Thukuthelani, ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele.

    KwabaseGalathiya 6 : 7 – 8
    7 Ningakhohliswa; UNkulunkulu akahlekwa, ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu uyakuvuna kona futhi.
    8 Ngokuba ohlwanyelela enyameni yakhe uyakuvuna ukonakala enyameni; kodwa ohlwanyelela kuMoya uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya.

    KwabaseRoma 2 : 6 – 8
    6 Oyakubuyisela kulowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe;
    7 Kulabo abathi ngokubekezela ekwenzeni okuhle badinga inkazimulo lodumo lokungabhubhi, impilo elaphakade;
    8 Kodwa kulabo abaphikisanayo njalo bengalaleli iqiniso, kodwa belalela ukungalungi, intukuthelo lolaka;

    U-Isaya 5 : 21
    21 Maye kulabo abahlakaniphileyo emehlweni abo futhi bahlakaniphile kwawabo amehlo!

    KwabaseFilipi 3 : 18 – 19
    18 Ngokuba abaningi, enganitshela kaningi ngabo, namanje nginitshela nangezinyembezi, bahamba bayizitha zesiphambano sikaKristu;
    19 abakuphela kwabo kungukubhujiswa, abaNkulunkulu wabo uyisisu sabo, nodumo lwabo lusehlazweni labo, abanaka izinto zasemhlabeni.

    KwabaseFilipi 2 : 2 – 8
    2 Gcwalisani intokozo yami, ukuze nibe nhliziyonye, ninothando olufanayo, nibe nhliziyonye, nengqondo munye.
    3 Ningenzi-lutho ngombango nangodumo lweze; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani.
    4 Yilowo nalowo angabheki okwakhe, kepha yilowo nalowo abheke nokwabanye.
    5 Lomqondo kawube kini owawukuKristu Jesu;
    6 owathi enesimo sikaNkulunkulu, akaze asho ukuthi ukulingana noNkulunkulu kungukuphanga;
    7 Kodwa wazenza ongeladumo, wathatha isimo senceku, waba ngomfanekiso wabantu;
    8 efunyenwe enesimo njengomuntu, wazithoba, waba ngolalelayo kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni kwesiphambano.

    KwabaseRoma 6 : 23
    23 Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa; kodwa isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.

    KwabaseRoma 15 : 1 – 2
    1 Ngakho-ke thina esinamandla sifanele ukuthwala ubuthakathaka bababuthakathaka, singazithokozisi thina.
    2 Yilowo nalowo kithi makajabulise umakhelwane kube kuhle, akheke.

    Johane 3 : 16
    16 Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.

    KwabaseKolose 1 : 24
    24 engithokozayo khathesi ekuhluphekeni kwami ngenxa yenu, njalo enyameni yami ngigcwalisa okusilele kwezinhlupheko zikaKristu ngenxa yomzimba wakhe, oyibandla;

    Kwabase-Efesu 2 : 10
    10 Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle uNkulunkulu ayimisela ngaphambili ukuba sihambe kuyo.

    Marku 11 : 1 – 360

    1 Sebesondele eJerusalema eBetfage naseBethaniya ngaseNtabeni Yeminqumo, wathuma ababili kubafundi bakhe,
    2 Wathi kubo: “Hambani niye emzaneni obhekene nani; mthukululeni, nimlethe.
    3 Uma umuntu ethi kini: ‘Nenzelani lokhu na? anothi iNkosi iyalidinga; njalo izahle imthumele lapha.
    4 Base behamba, bafica ithole likhulekiwe ngasemnyango ngaphandle endaweni yezindlela ezimbili; bamthukulule.
    5 Abathile kwababemi khona bathi kubo: Nenzani nilithukulula ithole na?
    6 Basho kubo njengokuyala kukaJesu; base bebadedela.
    7 Baletha ithole kuJesu, babeka izingubo zabo phezu kwalo; wahlala phezu kwakhe.
    8 Abaningi bendlala izingubo zabo endleleni, kepha abanye bagawula amagatsha emithini, bawandlala endleleni.
    9 Lababehamba phambili lababelandela bamemeza besithi: Hosana; Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.
    10 Ubusisiwe umbuso kababa wethu uDavida, ozayo ebizweni leNkosi. Hosana kweliphezulu!
    11 UJesu wangena eJerusalema, ethempelini, waqalaza zonke izinto, sekuhlwile, waphuma waya eBethaniya nabayishumi nambili.
    12 Kwathi ngangomuso sebephumile eBethaniya walamba;
    13 Wabona umkhiwane ukude, unamaqabunga, weza ukuthi mhlawumbe angathola utho kuwo; ngoba isikhathi samakhiwane sasingekafiki.
    14 UJesu waphendula, wathi kuwo: “Akungabe kusadla muntu isithelo kuwe kuze kube phakade. Abafundi bakhe bezwa lokho.
    15 Bafika eJerusalema; uJesu wangena ethempelini, waqala ukuxosha ababethengisa nababethenga ethempelini, wagumbuqela amatafula abashintshela imali, nezihlalo zabathengisa ngamajuba;
    16 Wayengavumeli muntu ukuthi adabule ithempeli ethwele isitsha.
    17 Wafundisa, wathi kubo: “Akulotshiwe yini ukuthi: ‘Indlu yami iyakubizwa ngokuthi yindlu yokukhuleka yezizwe zonke’? kepha nina niyenze umhume wabaphangi.
    18 Ababhali nabapristi abakhulu bezwa lokho bafuna ukuthi bangambulala kanjani, ngokuba babemesaba, lokhu isixuku sonke samangala ngokufundisa kwakhe.
    19 Kwathi sekuhlwile waphuma emzini.
    20 Kwathi ekuseni bedlula, babona umkhiwane womile kusukela ezimpandeni.
    21 UPetru ekhumbula wathi kuye: “Rabi, bheka, umkhiwane owuqalekisileyo ubunile.
    22 UJesu waphendula wathi kubo: Yibani nokholo kuNkulunkulu.
    23 Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo oyakuthi kule ntaba: ‘Suka, uphonseke elwandle;’ engangabazi enhliziyweni yakhe, kodwa ekholwa ukuthi lokho akutshoyo kuyenzeka; uzakuba lalokho akutshoyo.
    24 Ngakho-ke ngithi kini: Konke enikucelayo nikhuleka, kholwani ukuthi nikutholile, niyakuba nakho.
    25 Nxa nimi nikhuleka, thethelelani, uma ninamagqubu nomunye, ukuze noYihlo osezulwini anithethelele iziphambeko zenu.
    26 Kepha uma nina ningathetheleli, noYihlo osezulwini akayikunithethelela iziphambeko zenu.
    27 Base befika eJerusalema; kwathi ehamba ethempelini, kwafika kuye abapristi abakhulu, nababhali, namalunga;
    28 Bathi kuye: “Lokhu uzenza ngagunya lini na? njalo ngubani okunike leligunya lokwenza lezizinto?
    29 UJesu waphendula, wathi kubo: “Nami ngizakunibuza umbuzo ube munye, ningiphendule, nami ngizakunitshela ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.
    30 Ubhapathizo lukaJohane lwaluvela ezulwini noma kubantu na? ngiphendule.
    31 Basebekhulumisana bodwa, besithi: Uba sisithi: Ezulwini; uzakuthi: Pho, anikholwanga nguye ngani na?
    32 Kodwa uba sisithi: Kubantu; besaba abantu, ngokuba bonke bathi uJohane ungumprofethi impela.
    33 Base bephendula, bathi kuJesu: “Asazi. UJesu waphendula, wathi kubo: “Nami anginitsheli ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.

  • Lithini iBhayibheli Alush – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana Alush

    Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Alush

    UNumeri 33 : 13
    13 Basuka eDofika bamisa inkamba e-Alusi.

  • Lithini iBhayibheli akha kabusha ithempeli – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana akha kabusha ithempeli

    Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo akha kabusha ithempeli

    Johane 2 : 19 – 21
    19 UJesu waphendula wathi kubo: Dilizani lelithempeli, njalo ngensuku ezintathu ngiyakulivusa.
    20 Base bethi abaJuda: “Leli thempeli iminyaka engamashumi amane nesithupha lakhiwa, wena-ke uyakulivusa ngezinsuku ezintathu na?
    21 Kodwa yena wayekhuluma ngethempeli lomzimba wakhe.

    1 kwabaseKorinte 6 : 19
    19 Yini? Anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele okinina, enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo abenu na?

  • Lithini iBhayibheli Alvah – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana Alvah

    Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Alvah

    UGenesise 36 : 40
    40 Lawa angamagama ezikhulu ezaphuma ku-Esawu ngemindeni yazo nangezindawo zazo ngamagama azo; induna uThimna, induna u-Alva, induna uJetet,

    1 IziKronike 1 : 51
    51 UHadadi naye wafa. Izikhulu zakwa-Edomi zazingo; induna uThimna, induna u-Aliya, induna uJetethi,

  • Lithini iBhayibheli Akhemetha – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana Akhemetha

    Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Akhemetha

    Ezra 6 : 2
    2 Kwatholakala e-Akimetha esigodlweni esisesifundeni samaMede umqulu, nombhalo wemilando owawulotshwe kanje:

  • Lithini iBhayibheli Akhishafi – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana Akhishafi

    Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Akhishafi

    UJoshuwa 11 : 1
    1 Kwathi uJabini inkosi yaseHasori ekuzwa lokho, wathumela kuJobabe inkosi yaseMadoni, nasenkosini yaseShimroni, nasenkosini ka-Asafa,

    UJoshuwa 12 : 20
    20 inkosi yaseShimronmeroni, eyodwa; inkosi ka-Asafa, eyodwa;

    UJoshuwa 19 : 25
    25 Umkhawulo wabo wawuyiHelikati, neHali, neBeteni, ne-Agisafa,

  • Lithini iBhayibheli Akkub – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana Akkub

    Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Akkub

    Ezra 2 : 45
    45 abantwana bakwaLibana, abantwana bakwaHagaba, abantwana bakwa-Akubi,

    1 IziKronike 9 : 17
    17 Abalindisango babengoShalumi, no-Akubi, noThalimoni, no-Ahimani, nabafowabo; uShalumi wayeyinhloko;

    Ezra 2 : 42
    42 Abantwana babalindisango: abantwana bakwaShalumi, abantwana bakwa-Atheri, abantwana bakwaTalimoni, abantwana bakwa-Akubi, abantwana bakwaHatita, abantwana bakwaShobayi, ikhulu namashumi amathathu nesishiyagalolunye.

    UNehemiya 7 : 45
    45 Abalindisango: abantwana bakwaShalumi, abantwana bakwa-Atere, abantwana bakwaThalimoni, abantwana bakwa-Akubi, abantwana bakwaHatita, abantwana bakwaShobayi, ikhulu namashumi amathathu nesishiyagalombili.

    UNehemiya 8 : 7
    7 OJehuwa, noBani, noSherebiya, noJamini, no-Akubi, noSabhethayi, noHodiya, noMahaseya, noKelitha, no-Azariya, noJozabadi, noHanani, noPhelaya, namaLevi, baqondisa abantu umthetho, nabantu bema ezindaweni zabo.

    UNehemiya 12 : 25
    25 OMathaniya, noBakibukiya, no-Obadiya, noMeshulamu, noThalimoni, no-Akubi babengabagcini bamasango, begcina abalindi eminyango yamasango.

    1 IziKronike 3 : 24
    24 Amadodana ka-Elijonayi: ngoHodaya, no-Eliyashibi, noPhelaya, no-Akubi, noJohanani, noDalaya, no-Anani, beyisikhombisa.

  • Lithini iBhayibheli Aksah – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana Aksah

    Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Aksah

    UJoshuwa 15 : 19
    19 Wathi: “Ngiphe isibusiso; ngoba unginikile iNingizimu; nginike nemithombo yamanzi. Wamnika imithombo yasenhla nemithombo yaphansi.

    Abahluleli 1 : 13
    13 U-Otheniyeli indodana kaKenazi, umnewabo kaKalebi, walithatha, wamnika u-Asa indodakazi yakhe, ibe ngumkakhe.

    1 IziKronike 2 : 49
    49 Wazala noShahafi, uyise wabaseMademana, noSewa, uyise wabaseMagebhena, noyise wabaseGibheha; indodakazi kaKalebi ibingu-Asa.

  • Lithini iBhayibheli akukho ucansi ngaphambi komshado – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana akukho ucansi ngaphambi komshado

    Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo akukho ucansi ngaphambi komshado

    1 kwabaseKorinte 7 : 1 – 40
    1 Mayelana nezinto enaloba ngazo kimi, kuhle kumuntu ukuba angamthinti owesifazane.
    2 Nokho ngenxa yobufebe, yilowo nalowo makabe nowakhe umfazi, nalowo wesifazane abe neyakhe indoda.
    3 Indoda mayimnike okumfanele umkayo, kanjalo nomfazi endodeni.
    4 Umfazi kanamandla phezu kowakhe umzimba, yindoda yakhe; kanjalo nendoda ayinagunya kowakhe umzimba, ngumfazi kodwa.
    5 Lingagodlelani, ngaphandle kokuthi kube kukuvumelana okwesikhathi, ukuze lizinikele ekuzileni ukudla lekukhulekweni; nibuye nihlangane, ukuze uSathane anganilingi ngokungazithibi kwenu.
    6 Kodwa lokhu ngikutsho ngemvume, kayisikho ngomlayo.
    7 Ngokuba ngiyathanda ukuba bonke abantu babe njengami; Kodwa yilowo nalowo unesiphiwo sakhe esivela kuNkulunkulu, omunye kanje, omunye kanje.
    8 Ngakho ngithi kwabangashadile nakubafelokazi: Kuhle kubo, uma behlala njengami.
    9 Kepha uma bengenakuzibamba, mabashade, ngokuba kuhle ukuganwa kunokushiswa.
    10 Labashadile ngiyabayala, kungemina kodwa yiNkosi, ukuthi umfazi makangahlukani nendoda;
    11 Kepha uma ehlukana naye, akahlale engaganile, noma abuyisane nendoda yakhe, nendoda ingamlahli umkayo.
    12 Kepha kwabanye ngithi mina, akusho iNkosi: Uma umzalwane enomfazi ongakholwayo, yena-ke evuma ukuhlala naye, makangamlahli.
    13 Nowesifazane onendoda engakholwayo, futhi uma ivuma ukuhlala naye, angayishiyi.
    14 Ngokuba indoda engakholwayo ingcwelisiwe ngomfazi, nomfazi ongakholwayo ungcwelisiwe ngendoda; uma kungenjalo abantwana benu ngabe bangcolile; kodwa manje bangcwele.
    15 Kepha uma ongakholwayo ehlukana naye, makamuke; Umzalwane noma umzalwanekazi akaboshiwe kokunjalo, kepha uNkulunkulu usibizele ekuthuleni.
    16 Ngokuba wazini wena mfazi, ukuthi awuyikusindisa indoda yakho na? Wena ndoda, wazi ngani ukuthi uyakumsindisa umkakho na?
    17 Kodwa njengalokho uNkulunkulu emabele yilowo nalowo, njengalokho iNkosi imbizile yilowo nalowo, makahambe kanjalo. Ngiyala kanjalo emabandleni onke.
    18 Ukhona yini obizwe esokile? makangabi ngongasoki. Ukhona yini obizwe engasokile na? makangasoki.
    19 Ukusoka akulutho, nokungasoki akulutho, kodwa ukugcina imiyalo kaNkulunkulu.
    20 Akube yilowo nalowo ahlale ekubizweni abizwe ekukho.
    21 Ubizwe uyisigqila na? ungakhathazeki, kepha uma ungakhululwa, kusebenzise kakhulu.
    22 Ngokuba obiziweyo yiNkosi eyisigqila, ungokhululekile weNkosi;
    23 Nithengwa ngenani; ningabi yizigqila zabantu.
    24 Bazalwane, yilowo nalowo makahlale kuNkulunkulu kulokho abizwe ekukho.
    25 Kepha maqondana nezintombi anginawo umyalo weNkosi, kepha mina ngikhipha umbono wami njengomuntu ohawukelwe yiNkosi ukuba athembeke.
    26 Ngakho ngithi kuhle lokhu ngenxa yokucindezeleka okukhona, ngithi kuhle kumuntu ukuba abe njalo.
    27 Uboshelwe emfazini na? ningafuni ukuthukululwa. Ukhululiwe emfazini na? ungamfuni umfazi.
    28 Kepha uma uganwa, akonanga; futhi uma intombi igana, ayoni. Nokho abanjalo bayakuba nenkathazo enyameni, kepha mina ngiyaniyeka.
    29 Kodwa ngitsho lokhu, bazalwane, ukuthi isikhathi sifitshane;
    30 Labakhalayo babe njengabangakhaliyo; nabathokozayo, babe njengabangathokozi; nabathengayo, babe njengabangenalutho;
    31 nabasebenzisa leli zwe, babe njengabangalisebenzisi, ngokuba isimo saleli zwe siyedlula.
    32 Kodwa ngithanda ukuthi lingabi lakukhathazeka. Ongashadile ukhathalela okweNkosi, ukuthi angayithokozisa kanjani iNkosi;
    33 Kepha oshadile ukhathalela okwezwe, ukuthi angamthokozisa kanjani umkakhe.
    34 Kukhona umehluko phakathi komfazi nentombi. Owendileyo ukhathalela okweNkosi, ukuze abe ngcwele emzimbeni nasemoyeni;
    35 Lalokhu ngikutsho kube yinzuzo yenu; kungeyisikho ukuthi nginiphosele umjibila, kodwa ngokufaneleyo, lokukhonza iNkosi ngaphandle kokuthikamezeka.
    36 Kepha uma umuntu ethi uziphatha ngokungafanele entombini yakhe, uma isikhulile, futhi kudingeke ukuba kube njalo, makenze akuthandayo, akoni;
    37 Nokho omi eqinile enhliziyweni yakhe, engacindezelwa lutho, enamandla phezu kwentando yakhe, esenqumile enhliziyweni yakhe ukuthi uyakugcina intombi yakhe, wenza kahle.
    38 Ngakho-ke owendisayo wenza kahle; kodwa ongendisiyo wenza okungcono kakhulu.
    39 Umfazi uboshiwe ngomthetho ngesikhathi indoda yakhe isekhona; kepha uma indoda isifile, ukhululekile ukuba agane nendoda ayithandayo; eNkosini kuphela.
    40 Kodwa uthokoza kakhudlwana uma ehlala kanjalo ngokokubona kwami, futhi ngicabanga ukuthi nami nginoMoya kaNkulunkulu.

    KumaHeberu 13 : 4
    4 Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, nombhede ungabi nasisihla, kepha izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.

    Kwabase-Efesu 5 : 5
    5 Ngokuba niyakwazi lokhu, ukuthi akukho sifebe, noma ongcolileyo, noma onesangabe ongokhonza izithombe, onefa embusweni kaKristu noNkulunkulu.

    UGenesise 2 : 24
    24 Ngakho indoda izatshiya uyise lonina inamathele kumkayo, njalo bazakuba nyamanye.

    UEksodusi 22 : 16
    16 Uma umuntu eyenga isigqilakazi esingashadile, alale naso, wosinikela impela sibe ngumkayo.

    1 kwabaseThesalonika 4 : 1 – 18
    1 Ngakho siyanincenga, bazalwane, siyaniyala ngeNkosi uJesu ukuba njengalokho nakwamukela kithi ukuthi nifanele ukuhamba nokumthokozisa kanjani uNkulunkulu, nivame kakhulu kanjalo.
    2 Ngokuba niyayazi imiyalo esaninika yona ngeNkosi uJesu.
    3 Ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu, ukungcweliswa kwenu, ukuba nidede ebufebeni;
    4 ukuze yilowo nalowo kini azi ukuthi angasiphatha kanjani isitsha sakhe ngobungcwele nangodumo;
    5 kungabi ngenkanuko, njengabezizwe abangamazi uNkulunkulu;
    6 ukuze kungabi khona oweqa umfowabo kunoma iyiphi indaba, ngokuba iNkosi ingumphindiseli wakho konke lokho, njengalokho sanixwayisa futhi safakaza.
    7 Ngoba uNkulunkulu kasibizelanga ekungcoleni, kodwa ebungcweleni.
    8 Ngakho-ke owalayo akali umuntu, kepha wala uNkulunkulu osinikile noMoya wakhe oNgcwele.
    9 Kepha maqondana nothando lobuzalwane anidingi ukuba nginilobele, ngokuba nina uqobo ningabafundiswe nguNkulunkulu ukuba nithandane.
    10 Nempela niyakwenza lokho kubo bonke abazalwane kulo lonke elaseMakedoniya;
    11 nokuba nikhuthalele ukuthula, nenze izindaba zenu, nokusebenza ngezandla zenu, njengalokho saniyala;
    12 ukuze nihambe ngokufaneleyo kwabangaphandle, ningasweli lutho.
    13 Kepha angithandi, bazalwane, ukuba ningabi nakwazi ngabalalayo, ukuze ningadabuki njengabanye abangenathemba.
    14 Ngokuba uma sikholwa ukuthi uJesu wafa wabuye wavuka, ngokunjalo-ke nalabo abalele kuJesu uNkulunkulu uyobaletha kanye naye.
    15 Ngokuba lokhu sikusho kini ngezwi leNkosi ukuthi thina esisekhona esisasele ekufikeni kweNkosi asiyikubandulela abaleleyo.
    16 Ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngokumemeza, ngezwi lengelosi enkulu, nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala;
    17 Khona thina esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo siyakuba neNkosi njalo.
    18 Ngakho duduzanani ngalawamazwi.

    Kwabase-Efesu 5 : 1 – 33
    1 Ngakho yibani ngabalingisa uNkulunkulu njengabantwana abathandekayo;
    2 nihambe othandweni, njengalokho noKristu wasithanda, wazinikela ngenxa yethu, abe ngumnikelo nomhlatshelo kuNkulunkulu, abe yiphunga elimnandi.
    3 Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nakanye phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele;
    4 namanyala, nenkulumo yobuwula, nokuntela, okuyizinto ezingafanele, kepha kunalokho ukubonga.
    5 Ngokuba niyakwazi lokhu, ukuthi akukho sifebe, noma ongcolileyo, noma onesangabe ongokhonza izithombe, onefa embusweni kaKristu noNkulunkulu.
    6 Makungabikho onikhohlisayo ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalezo zinto ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli.
    7 Ngakho-ke ningabi ngabahlanganyeli nabo.
    8 Ngokuba nanikade nibubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya;
    9 (Ngokuba isithelo sikaMoya sikubo bonke ubuhle nokulunga neqiniso;)
    10 nihlola ukuthi kuyini okwamukelekayo eNkosini.
    11 Futhi ningabi nenhlanganyelo nemisebenzi yobumnyama engatheli, kodwa kunalokho niyisole.
    12 Ngoba izinto ezenziwa yibo ekusithekeni kulihlazo lokukhuluma.
    13 Kodwa konke okusolwayo kubonakaliswa ngukukhanya, ngoba konke okubonakaliswayo kungukukhanya.
    14 Ngakho uthi: Vuka wena oleleyo, uvuke kwabafileyo, uKristu uzakukukhanyisa.
    15 Ngakho bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi njengeziwula kodwa njengabahlakaniphileyo;
    16 nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi.
    17 Ngakho ningabi ngabangahlakaniphileyo, kodwa niqonde okuyintando yeNkosi.
    18 Futhi ningadakwa yiwayini, lapho kukhona ukuganga; kodwa gcwaliswani ngoMoya;
    19 nikhulumisana ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nihlabelele, nihubele eNkosini enhliziyweni yenu;
    20 nimbonga njalo uNkulunkulu uBaba ngakho konke egameni leNkosi yethu uJesu Kristu;
    21 nizithoba omunye komunye ngokwesaba uNkulunkulu.
    22 Bafazi, thobelani amadoda enu kungathi kukuyo iNkosi.
    23 Ngokuba indoda iyinhloko yomfazi, njengokuba noKristu eyinhloko yebandla, yena engumsindisi womzimba.
    24 Ngakho-ke njengokuba ibandla lithobela uKristu, kanjalo nabafazi mabathobele amadoda abo kukho konke.
    25 Madoda, thandani omkenu, njengalokho noKristu walithanda ibandla, wazinikela ngenxa yalo;
    26 ukuze alingcwelise, alihlambulule ngesigezo samanzi ngezwi;
    27 ukuze azimise phambi kwakhe ibandla elinenkazimulo, elingenasisihla, noma umbimbi, nanto enjalo; kodwa ukuthi libe ngcwele njalo lingelasici.
    28 Kanjalo amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. Othanda umkakhe uzithanda yena.
    29 Ngokuba akakho owake wazonda eyakhe inyama; kodwa uyayondla futhi ayinakekele, njengoba nje neNkosi ibandla.
    30 Ngokuba singamalungu omzimba wakhe, awenyama yakhe, singamathambo akhe.
    31 Ngalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo, futhi labo ababili bayakuba nyamanye.
    32 Le yimfihlakalo enkulu, kepha ngikhuluma ngoKristu nebandla.
    33 Nokho-ke yilowo nalowo kini makathande umkakhe njengalokhu ezithanda yena; nomfazi makahloniphe indoda yakhe.