Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo amanani
Mathewu 6 : 24
24 Akakho ongakhonza amakhosi amabili, ngokuba uyakuzonda enye, athande enye; noma ibambelele kwenye, idelele enye. Anikwazi ukukhonza uNkulunkulu noMamona.
EkaJokobe 1 : 22 – 27
22 Kepha yibani ngabenzi bezwi, ningabi abalizwayo kuphela, nizikhohlisa.
23 Ngokuba uma umuntu engolizwayo izwi, engeyena umenzi, lowo ufana nomuntu obuka ubuso bakhe bemvelo engilazini;
24 Ngokuba uyazibuka, asuke, akhohlwe masinyane ukuthi ubengumuntu onjani.
25 Kepha obheka emthethweni opheleleyo wenkululeko, aqhubeke kuwo, engesiye ozwayo okhohlwayo, kodwa umenzi womsebenzi, lowo uyakuba-busisiwe ekwenzeni kwakhe.
26 Uma umuntu phakathi kwenu ecabanga ukuthi unokholo, engalubambi ngetomu ulimi lwakhe, ekhohlisa eyakhe inhliziyo, ukukholwa kwalowo kuyize.
27 Inkolo ehlanzekileyo nengangcolile phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo nokuzigcina engenabala kulomhlaba.
Izaga zikaSolomoni 19 : 1
1 Ompofu ohamba ngobuqotho ungcono kunomlomo omubi futhi eyisiwula.
KumaHeberu 13 : 18
18 Sikhulekeleni, ngokuba siyethemba ukuthi sinonembeza omuhle, sithanda ukuhamba kahle ezintweni zonke.
IzEnzo 20 : 35
35 Kukho konke nginibonisile, ukuthi ngokushikashikeka kanje kufanele nisize ababuthakathaka, nikhumbule amazwi eNkosi uJesu, ukuthi yathi: ‘Kubusisekile ukupha kunokwamukela.’
Marku 11 : 25
25 Nxa nimi nikhuleka, thethelelani, uma ninamagqubu nomunye, ukuze noYihlo osezulwini anithethelele iziphambeko zenu.
Luka 6 : 31
31 Nalokho enithanda ukuba abantu benze kini, yenzani kanjalo nani kubo.
Johane 2 : 9 – 11
9 Kwathi umphathi wokudla esewanambithile amanzi abenziwe iwayini, engazi lapho elivela khona, (kepha izinceku ezaziwakhile amanzi zazisazi), umphathi wokudla wabiza umyeni;
10 Wathi kuye: Wonke umuntu ubeka iwayini elimnandi kuqala; kuthi lapho sebephuzile, kudlule elibi, kepha wena ugcinile elimnandi kuze kube manje.
11 Lokho ukuqala kwezibonakaliso uJesu wakwenza eKhana laseGalile, ebonakalisa inkazimulo yakhe; abafundi bakhe bakholwa kuye.
Johane 13 : 34 – 35
34 Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani nithandane.
35 Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.
Luka 6 : 32 – 42
32 Ngokuba uma nithanda abanithandayo, ninakubongwa kuni na? ngoba nezoni zithanda abazithandayo.
33 Uma nenza okuhle kwabanenzela okuhle, ninakubongwa kuni na? ngoba nezoni zenza njalo.
34 Futhi uma nitsheleka enithemba ukwemukela kubo, ninakubongwa kuni na? ngokuba nezoni zitsheleka izoni ukuba zamukele lokho.
35 Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitsheleke ningathembi lutho; umvuzo wenu uyakuba mkhulu, nibe-ngabantwana boPhezukonke, ngokuba yena unomusa kwabangabongiyo nababi.
36 Ngakho yibani-nesihawu, njengalokhu noYihlo enesihawu.
37 Ningahluleli, khona aniyikwahlulelwa; ningalahli, khona aniyikulahlwa;
38 Yiphani, khona niyakuphiwa; isilinganiso esihle, esigxishiwe, esigxishiwe, esichichimayo, bayakuninika esifubeni senu. Ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.
39 Wasebatshela umfanekiso wokuthi: Isiphofu ingahola impumputhe na? Kabayikuwela emgodini bobabili yini?
40 Umfundi kaphezu komfundisi wakhe, kepha yilowo nalowo opheleleyo uyakuba njengomfundisi wakhe.
41 Ubhekelani ucezwana olusesweni lomfowenu, kanti ugongolo olukwelakho iso awuluboni na?
42 Ungasho kanjani kumfowenu ukuthi: ‘Mfowethu, ake ngikhiphe ucezwana olusesweni lakho,’ wena ungaluboni ugongolo olukwelakho iso, na? Mzenzisi, khipha kuqala ugongolo esweni lakho, khona-ke wobona kahle ukukhipha ucezwana olusesweni lomfowenu.
ULevitikusi 19 : 18
18 Ungaphindiseli futhi ungabi namagqubu kubantwana babantu bakini, kodwa kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena. Mina nginguJehova.
Mathewu 7 : 1 – 5
1 Ningahluleli, ukuze ningahlulelwa.
2 Ngokuba ngokwahlulela enahlulela ngakho nani niyakwahlulelwa ngakho; nesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.
3 Ubhekelani ucezwana olusesweni lomfowenu, kanti ugongolo olukwelakho iso awuluboni na?
4 Noma ungasho kanjani kumfowenu ukuthi: ‘Ake ngikhiphe ucezwana esweni lakho; bheka, kukhona ugongolo kwelakho iso na?
5 Mzenzisi, khipha kuqala ugongolo esweni lakho; khona-ke uyobona kahle ukukhipha ucezwana esweni lomfowenu.
Mathewu 7 : 12
12 Ngakho-ke zonke izinto enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo, ngokuba lokhu kungumthetho nabaprofethi.
EkaJokobe 1 : 19 – 20
19 Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, wonke umuntu makasheshe ukuzwa, ephuze ukukhuluma, ephuze ukuthukuthela;
20 Ngokuba ulaka lomuntu alukwenzi ukulunga kukaNkulunkulu.
ULevitikusi 19 : 9 – 10
9 Lapho nibutha isivuno sezwe lakini, akumelwe nivune ngokuphelele amagumbi ezwe lakini, futhi akumelwe nibuthe isivuno sesivuno senu.
10 Futhi akumelwe usivune isivini sakho, futhi akumelwe ubuthe zonke izithelo zomvini esivinini sakho; woliyeka lihlale elompofu nomfokazi; nginguJehova uNkulunkulu wenu.
Mathewu 5 : 42
42 Muphe ocela kuwe, ungamfulatheli ofuna ukuboleka kuwe.
ULevitikusi 25 : 35 – 38
35 Uma umfowenu eba mpofu, ekukhohlakala kanye nawe; khona-ke kumelwe umyeke; yebo, ngisho noma engowezizwe noma eyisihambi; ukuthi angahlala nawe.
36 Ningathathi kuye inzalo noma inzalo; kepha yesaba uNkulunkulu wakho; ukuze umfowenu ahlale lawe.
37 Ungamniki imali yakho ngenzalo, ungamtsheleki izinto oziphilisa ngazo ukuze andise.
38 NginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibhithe ukuze ngininike izwe laseKhanani futhi ngibe nguNkulunkulu wenu.
ULevitikusi 19 : 35 – 36
35 Aniyikwenza ukungalungi ekwahluleleni, ekuphakameni, esisindweni, nasesilinganisweni;
36 Kuphela niyakuba nezikali, nezilinganiso ezinhle, ne-efa elihle, nehini elihle; nginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe.