Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Asher
UGenesise 30 : 13
13 Wayesethi uLeya: “Ngiyajabula, ngokuba amadodakazi ayakuthi ngibusisiwe; waqamba igama layo ngokuthi u-Asheri.
UGenesise 35 : 26
26 Amadodana kaZilipa, incekukazi kaLeya; ngoGadi no-Asheri; yilawo angamadodana kaJakobe azalelwa wona ePhadani Aramu.
UGenesise 49 : 20
20 Ku-Asheri isinkwa sakhe siyakuba ngamanoni, futhi uyonika izibiliboco zasebukhosini.
UEksodusi 1 : 4
4 uDani noNafetali, uGadi no-Asheri.
1 IziKronike 2 : 2
2 uDani, noJosefa, noBenjamini, noNafetali, noGadi, no-Asheri.
UGenesise 46 : 17
17 Amadodana ka-Asheri: UJimna, noJisuwa, noIshivi, noBeriya, noSeraki, udadewabo; namadodana kaBeriya; uHebere noMalikiyeli.
UNumeri 26 : 47
47 Lezi ziyizizukulwane zamadodana ka-Asheri ngokwababalwayo; ababeyizinkulungwane ezingamashumi amahlanu nantathu namakhulu amane.
UNumeri 1 : 41
41 ababalwayo kubo besizwe sakwa-Ashere, baba ngamashumi amane ananye amawaka, anamakhulu mahlanu.
UNumeri 26 : 47
47 Lezi ziyizizukulwane zamadodana ka-Asheri ngokwababalwayo; ababeyizinkulungwane ezingamashumi amahlanu nantathu namakhulu amane.
1 IziKronike 7 : 40
40 Bonke babengabantwana baka-Asheri, izinhloko zezindlu zoyise, amaqhawe akhethiweyo, anamandla, izinhloko zezikhulu. Ababhalwe ohlwini lozalo lwamadoda aphuma umkhosi ayengamadoda ayizinkulungwane ezingamashumi amabili nesithupha.
1 IziKronike 12 : 36
36 Ku-Asheri, abaphuma impi, abahlomele ukulwa, izinkulungwane ezingamashumi amane.
UNumeri 2 : 25
25 Ibhanela lekamu lakwaDani liyakuba ngasenyakatho ngamabandla abo; u-Ahiyezeri indodana ka-Amisadayi uyakuba ngumbusi phezu kwabantwana bakwaDani.
UNumeri 2 : 27
27 Abamisa kanye naye bayakuba yisizwe sakwa-Asheri; uPagiyeli indodana ka-Okirani uyakuba ngumbusi phezu kwabantwana bakwa-Asheri.
UDuteronomi 33 : 25
25 Izicathulo zakho kumelwe zibe yinsimbi nethusi; futhi njengezinsuku zakho, ayakuba njalo amandla akho.
IsAmbulo 7 : 6
6 Esizweni sakwa-Asheri abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwaNafetali abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwaManase abayizinkulungwane eziyishumi nambili,
UJoshuwa 19 : 31
31 Leli laliyifa lesizwe soonyana baka-Asheri ngemindeni yabo, leyo mizi nemizana yayo.
UHezekeli 48 : 2
2 Ngasemkhawulweni wakwaDani, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga: u-Asheri, libe linye.
Abahluleli 5 : 17
17 UGileyadi wahlala phesheya kweJordani, uDani wahlala ngani emikhunjini? U-Asheri wahlala ogwini lolwandle, wahlala emifantwini yakhe.