Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo ayingeni
Johane 15 : 19
19 Uma beningabezwe, izwe belizothanda okwalo, kepha ngokuba ningesibo abezwe, kodwa nganikhetha mina ezweni, ngalokho izwe liyanizonda.
2 kuThimothewu 3 : 12
12 Yebo, bonke abathanda ukuphila ngokumesaba uNkulunkulu kuKristu Jesu bayakuzingelwa.
1 kaPetru 2 : 19 – 21
19 Ngoba lokhu kuyabongeka, uba umuntu ngenxa kanembeza kuNkulunkulu ethwala usizi, ehlupheka ngokungafanele.
20 Ngokuba kuludumo luni, uma nibekezela nishaywa ngenxa yokona na? kepha uma nenza kahle nihlupheka ngenxa yalokho, nikubekezelela, lokho kuyabongeka kuNkulunkulu.
21 Ngokuba nabizelwa lokho, ngokuba uKristu wahlupheka ngenxa yethu, esishiyela isibonelo sokuba nilandele ezinyathelweni zakhe;
KwabaseFilipi 4 : 13
13 Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo.
UGenesise 1 : 26 – 27
26 UNkulunkulu wathi: Masenze abantu ngomfanekiso wethu, basifuze, babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, phezu kwezinyoni zezulu, naphezu kwezinkomo, naphezu kwazo zonke izilwane ezinwabuzelayo emhlabeni wonke.
27 UNkulunkulu wamdala umuntu ngomfanekiso wakhe, wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala owesilisa nowesifazane.
KwabaseRoma 8 : 28
28 Njalo siyazi ukuthi konke kusebenzelana kube ngokuhle kwabamthandayo uNkulunkulu, ababiziweyo ngecebo lakhe.
2 kwabaseKorinte 6 : 14
14 Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo; ngokuba kunakuhlanganyela kuni ukulunga nokungalungi na? Kunakuhlanganyela kuni ukukhanya nobumnyama na?
2 kwabaseThesalonika 2 : 9 – 12
9 Yena lowo ukufika kwakhe kungokokusebenza kukaSathane ngawo wonke amandla, nezibonakaliso, nezimangaliso zamanga;
10 nangayo yonke inkohliso yokungalungi kwababhubhayo; ngoba kabamukelanga uthando lweqiniso, ukuze basindiswe.
11 Ngalokho-ke uNkulunkulu uyakubathumela ukuduka okunamandla, ukuze bakholwe amanga;
12 ukuze balahlwe bonke abangakholwanga iqiniso, kepha bejabulela ukungalungi.
KumaHeberu 10 : 25
25 singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye; kodwa sikhuthazane, ikakhulu njengoba libona usuku lusondela.