Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Dibon
UNumeri 21 : 30
30 Sabadubula; IHeshiboni labhubha kwaze kwaba seDiboni, sabachitha kwaze kwaba seNofa eliya eMedeba.
UNumeri 33 : 45
45 Basuka e-Iyimi, bamisa inkamba eDibhon Gadi.
UNumeri 32 : 3
3 i-Ataroti, neDiboni, neJazeri, neNimra, neHeshiboni, ne-Elale, neSebam, neNebo, neBeyoni;
UNumeri 32 : 34
34 Abantwana bakwaGadi bakha iDiboni, ne-Atharoti, ne-Aroweri;
UJoshuwa 13 : 9
9 kusukela e-Aroweri elisosebeni lomfula i-Arinoni, nomuzi ophakathi nomfula, nethafa lonke kusukela eMedeba kuze kube seDiboni;
UJoshuwa 13 : 17
17 iHeshiboni nayo yonke imizi yalo esethafeni; iDiboni, neBamoti Bali, neBeti Bali-meyoni,
U-Isaya 15 : 2
2 Wenyukela eBayiti naseDiboni ezindaweni eziphakemeyo ukuyokhala; UMowabi uyakukhala eNebo naseMedeba; kuwo wonke amakhanda abo kuyoba yimpandla, nazo zonke izilevu ziyogundwa.
U-Isaya 15 : 9
9 Ngokuba amanzi aseDimoni ayakugcwala igazi, ngokuba ngiyakwehlisela okwengeziwe phezu kweDimoni, izingonyama phezu kwabaphunyukileyo bakwaMowabi, naphezu kwensali yezwe.
UJeremiya 48 : 18
18 Indodakazi yakho ehlala eDiboni yehla enkazimulweni yakho, ihlezi ngokoma; ngokuba umchithi wakwaMowabi uyakunifikela, achithe izinqaba zenu.
UJeremiya 48 : 22
22 naseDiboni, naseNebo, naseBeti-Dibilatayimi;
UNehemiya 11 : 25
25 Emizini namasimu ayo kwahlala abanye babantwana bakwaJuda eKiriyati-Arba nasemadlelweni ayo, naseDiboni nasemasangweni ayo, naseJekabiseyeli nasemizaneni yayo;
UJoshuwa 15 : 22
22 noKina, noDimona, no-Adada,