Category: Lithini iBhayibheli

Concordance

  • Lithini iBhayibheli ehlekisa ngabantu – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana ehlekisa ngabantu

    Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo ehlekisa ngabantu

    2 Amakhosi 2 : 23 – 24
    23 Wasesenyuka esuka lapho waya eBhetheli; kwathi esendleleni, kwaphuma abantwana abancane bomuzi, bamklolodela, bathi kuye: Yenyuka, mpandlandini; khuphuka, khanda elinempandla.
    24 Waphenduka wababheka, wabaqalekisa egameni likaJehova. Kwavela amabhere amabili ezinsikazi ehlathini, azala abantwana abangamashumi amane nambili.

    Kwabase-Efesu 5 : 4
    4 namanyala, nenkulumo yobuwula, nokuntela, okuyizinto ezingafanele, kepha kunalokho ukubonga.

    Mathewu 6 : 1 – 3
    1 Xwayani ukuba ukulunga kwenu ningakwenzi phambi kwabantu ukuba nibonwe yibo; uma kungenjalo, aninamvuzo kuYihlo osezulwini.
    2 Ngakho-ke nxa wabela izipho, ungakhalisi icilongo phambi kwakho, njengokuba kwenza abazenzisi emasinagogeni nasezitaladini, ukuze badunyiswe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewutholile umvuzo wabo.
    3 Kepha wena nxa wabela isipho, isandla sakho sokhohlo masingakwazi esikwenzayo esokunene;

  • Lithini iBhayibheli eJerusalema – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana eJerusalema

    Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo eJerusalema

    Amahubo 122 : 3 – 5
    3 IJerusalema lakhiwa njengomuzi omi ndawonye;
    4 Lapho zikhuphukela khona izizwe, izizwe zeNkosi, kube ngubufakazi bukaIsrayeli, ukudumisa ibizo leNkosi.
    5 Ngoba kukhona izihlalo zobukhosi ezimisiweyo zokwahlulela, izihlalo zobukhosi zendlu kaDavida.

    Amahubo 122 : 6
    6 Khulekelani ukuthula kweJerusalema: bazaphumelela abakuthandayo.

    Amahubo 125 : 2
    2 Njengalokhu izintaba zihaqa iJerusalema, kanjalo uJehova uhaqa abantu bakhe kusukela manje kuze kube phakade.

    Amahubo 48 : 2
    2 Inhle endaweni, intokozo yomhlaba wonke, intaba yaseSiyoni emaceleni asenyakatho, umuzi weNkosi enkulu.

    U-Isaya 62 : 3
    3 Uyakuba ngumqhele okhazimulayo esandleni sikaJehova, nomqhele wobukhosi esandleni sikaNkulunkulu wakho.

    Ezra 10 : 9
    9 Bonke abantu bakwaJuda nabakwaBenjamini babuthana eJerusalema ngezinsuku ezintathu. Kwakuyinyanga yesishiyagalolunye, ngosuku lwamashumi amabili lwenyanga; bonke abantu bahlala esigcawini sendlu kaNkulunkulu bethuthumela ngenxa yale ndaba nangenxa yemvula enkulu.

    UJeremiya 32 : 31
    31 Ngokuba lo muzi uyisisulu kimi intukuthelo yami nokufutheka kwami kusukela osukwini abawakha ngalo kuze kube namuhla; ukuthi ngizoyisusa ebusweni bami,

    1 Amakhosi 15 : 4
    4 Kodwa ngenxa kaDavide uJehova uNkulunkulu wakhe wamnika isibani eJerusalema ukuze avuse indodana yakhe ngemva kwakhe futhi aqinise iJerusalema.

  • Lithini iBhayibheli ehlekisa ngabanye – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana ehlekisa ngabanye

    Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo ehlekisa ngabanye

    KwabaseFilipi 2 : 3
    3 Ningenzi-lutho ngombango nangodumo lweze; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani.

    2 Amakhosi 2 : 23 – 24
    23 Wasesenyuka esuka lapho waya eBhetheli; kwathi esendleleni, kwaphuma abantwana abancane bomuzi, bamklolodela, bathi kuye: Yenyuka, mpandlandini; khuphuka, khanda elinempandla.
    24 Waphenduka wababheka, wabaqalekisa egameni likaJehova. Kwavela amabhere amabili ezinsikazi ehlathini, azala abantwana abangamashumi amane nambili.

    EkaJokobe 1 : 17
    17 Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.

  • Lithini iBhayibheli eJerusalema – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana eJerusalema

    Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo eJerusalema

    2 Amakhosi 15 : 33
    33 Wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema; Igama likanina lalinguJerusha, indodakazi kaSadoki.

    2 IziKronike 27 : 1
    1 UJothamu wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema; Igama likanina lalinguJerusha, indodakazi kaSadoki.

  • Lithini iBhayibheli ehlezi ezinyaweni zikaJesu – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana ehlezi ezinyaweni zikaJesu

    Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo ehlezi ezinyaweni zikaJesu

    Luka 10 : 38 – 42
    38 Yare ha ba ntse ba tsamaya, a kena motsaneng o mong, mme mosadi e mong ya bitswang Maretha a mo amohela tlung ya hae.
    39 O ne a na le kgaitsedi e bitswang Maria, ya dutseng maotong a Jesu, a utlwa lentswe la hae.
    40 Empa Maretha o ne a tshwenyehile ke tshebeletso e kgolo, a tla ho yena, a re: “Morena, na ha o tsotelle ha ngwaneso a ntlohela ke sebeletsa ke le mong? ka baka leo, mmolelle hore a nthuse.
    41 Jesu a araba, a re ho yena: Maretha, Maretha, o itshwenya, o tshwenyehile ka tse ngata;
    42 Empa ho hlokeha ntho e le nngwe: mme Maria o ikgethetse kabelo e molemo, eo a ke keng a e amohuwa.

    Luka 10 : 39
    39 O ne a na le kgaitsedi e bitswang Maria, ya dutseng maotong a Jesu, a utlwa lentswe la hae.

    Luka 10 : 38 – 54
    38 Yare ha ba ntse ba tsamaya, a kena motsaneng o mong, mme mosadi e mong ya bitswang Maretha a mo amohela tlung ya hae.
    39 O ne a na le kgaitsedi e bitswang Maria, ya dutseng maotong a Jesu, a utlwa lentswe la hae.
    40 Empa Maretha o ne a tshwenyehile ke tshebeletso e kgolo, a tla ho yena, a re: “Morena, na ha o tsotelle ha ngwaneso a ntlohela ke sebeletsa ke le mong? ka baka leo, mmolelle hore a nthuse.
    41 Jesu a araba, a re ho yena: Maretha, Maretha, o itshwenya, o tshwenyehile ka tse ngata;
    42 Empa ho hlokeha ntho e le nngwe: mme Maria o ikgethetse kabelo e molemo, eo a ke keng a e amohuwa.

    Marku 14 : 3
    3 Kwathi eseBethaniya endlini kaSimoni onochoko, ehlezi ekudleni, kwafika owesifazane ephethe umfuma we-alabaste wamafutha enadi lodwa elinenani elikhulu; wahlephula umfuma, wamthela ngawo ekhanda.

  • Lithini iBhayibheli ehlukanisa nongakholwayo – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana ehlukanisa nongakholwayo

    Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo ehlukanisa nongakholwayo

    1 kwabaseKorinte 7 : 15
    15 Kepha uma ongakholwayo ehlukana naye, makamuke; Umzalwane noma umzalwanekazi akaboshiwe kokunjalo, kepha uNkulunkulu usibizele ekuthuleni.

    1 kwabaseKorinte 7 : 1 – 40
    1 Mayelana nezinto enaloba ngazo kimi, kuhle kumuntu ukuba angamthinti owesifazane.
    2 Nokho ngenxa yobufebe, yilowo nalowo makabe nowakhe umfazi, nalowo wesifazane abe neyakhe indoda.
    3 Indoda mayimnike okumfanele umkayo, kanjalo nomfazi endodeni.
    4 Umfazi kanamandla phezu kowakhe umzimba, yindoda yakhe; kanjalo nendoda ayinagunya kowakhe umzimba, ngumfazi kodwa.
    5 Lingagodlelani, ngaphandle kokuthi kube kukuvumelana okwesikhathi, ukuze lizinikele ekuzileni ukudla lekukhulekweni; nibuye nihlangane, ukuze uSathane anganilingi ngokungazithibi kwenu.
    6 Kodwa lokhu ngikutsho ngemvume, kayisikho ngomlayo.
    7 Ngokuba ngiyathanda ukuba bonke abantu babe njengami; Kodwa yilowo nalowo unesiphiwo sakhe esivela kuNkulunkulu, omunye kanje, omunye kanje.
    8 Ngakho ngithi kwabangashadile nakubafelokazi: Kuhle kubo, uma behlala njengami.
    9 Kepha uma bengenakuzibamba, mabashade, ngokuba kuhle ukuganwa kunokushiswa.
    10 Labashadile ngiyabayala, kungemina kodwa yiNkosi, ukuthi umfazi makangahlukani nendoda;
    11 Kepha uma ehlukana naye, akahlale engaganile, noma abuyisane nendoda yakhe, nendoda ingamlahli umkayo.
    12 Kepha kwabanye ngithi mina, akusho iNkosi: Uma umzalwane enomfazi ongakholwayo, yena-ke evuma ukuhlala naye, makangamlahli.
    13 Nowesifazane onendoda engakholwayo, futhi uma ivuma ukuhlala naye, angayishiyi.
    14 Ngokuba indoda engakholwayo ingcwelisiwe ngomfazi, nomfazi ongakholwayo ungcwelisiwe ngendoda; uma kungenjalo abantwana benu ngabe bangcolile; kodwa manje bangcwele.
    15 Kepha uma ongakholwayo ehlukana naye, makamuke; Umzalwane noma umzalwanekazi akaboshiwe kokunjalo, kepha uNkulunkulu usibizele ekuthuleni.
    16 Ngokuba wazini wena mfazi, ukuthi awuyikusindisa indoda yakho na? Wena ndoda, wazi ngani ukuthi uyakumsindisa umkakho na?
    17 Kodwa njengalokho uNkulunkulu emabele yilowo nalowo, njengalokho iNkosi imbizile yilowo nalowo, makahambe kanjalo. Ngiyala kanjalo emabandleni onke.
    18 Ukhona yini obizwe esokile? makangabi ngongasoki. Ukhona yini obizwe engasokile na? makangasoki.
    19 Ukusoka akulutho, nokungasoki akulutho, kodwa ukugcina imiyalo kaNkulunkulu.
    20 Akube yilowo nalowo ahlale ekubizweni abizwe ekukho.
    21 Ubizwe uyisigqila na? ungakhathazeki, kepha uma ungakhululwa, kusebenzise kakhulu.
    22 Ngokuba obiziweyo yiNkosi eyisigqila, ungokhululekile weNkosi;
    23 Nithengwa ngenani; ningabi yizigqila zabantu.
    24 Bazalwane, yilowo nalowo makahlale kuNkulunkulu kulokho abizwe ekukho.
    25 Kepha maqondana nezintombi anginawo umyalo weNkosi, kepha mina ngikhipha umbono wami njengomuntu ohawukelwe yiNkosi ukuba athembeke.
    26 Ngakho ngithi kuhle lokhu ngenxa yokucindezeleka okukhona, ngithi kuhle kumuntu ukuba abe njalo.
    27 Uboshelwe emfazini na? ningafuni ukuthukululwa. Ukhululiwe emfazini na? ungamfuni umfazi.
    28 Kepha uma uganwa, akonanga; futhi uma intombi igana, ayoni. Nokho abanjalo bayakuba nenkathazo enyameni, kepha mina ngiyaniyeka.
    29 Kodwa ngitsho lokhu, bazalwane, ukuthi isikhathi sifitshane;
    30 Labakhalayo babe njengabangakhaliyo; nabathokozayo, babe njengabangathokozi; nabathengayo, babe njengabangenalutho;
    31 nabasebenzisa leli zwe, babe njengabangalisebenzisi, ngokuba isimo saleli zwe siyedlula.
    32 Kodwa ngithanda ukuthi lingabi lakukhathazeka. Ongashadile ukhathalela okweNkosi, ukuthi angayithokozisa kanjani iNkosi;
    33 Kepha oshadile ukhathalela okwezwe, ukuthi angamthokozisa kanjani umkakhe.
    34 Kukhona umehluko phakathi komfazi nentombi. Owendileyo ukhathalela okweNkosi, ukuze abe ngcwele emzimbeni nasemoyeni;
    35 Lalokhu ngikutsho kube yinzuzo yenu; kungeyisikho ukuthi nginiphosele umjibila, kodwa ngokufaneleyo, lokukhonza iNkosi ngaphandle kokuthikamezeka.
    36 Kepha uma umuntu ethi uziphatha ngokungafanele entombini yakhe, uma isikhulile, futhi kudingeke ukuba kube njalo, makenze akuthandayo, akoni;
    37 Nokho omi eqinile enhliziyweni yakhe, engacindezelwa lutho, enamandla phezu kwentando yakhe, esenqumile enhliziyweni yakhe ukuthi uyakugcina intombi yakhe, wenza kahle.
    38 Ngakho-ke owendisayo wenza kahle; kodwa ongendisiyo wenza okungcono kakhulu.
    39 Umfazi uboshiwe ngomthetho ngesikhathi indoda yakhe isekhona; kepha uma indoda isifile, ukhululekile ukuba agane nendoda ayithandayo; eNkosini kuphela.
    40 Kodwa uthokoza kakhudlwana uma ehlala kanjalo ngokokubona kwami, futhi ngicabanga ukuthi nami nginoMoya kaNkulunkulu.

    1 kwabaseKorinte 7 : 10
    10 Labashadile ngiyabayala, kungemina kodwa yiNkosi, ukuthi umfazi makangahlukani nendoda;

  • Lithini iBhayibheli ehluzekile – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana ehluzekile

    Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo ehluzekile

    1 kaPetru 5 : 8
    8 Zithibeni, niqaphe; ngokuba isitha senu uSathane, njengengonyama ebhongayo, siyahamba sifuna engamshwabadela;

    KwabaseGalathiya 5 : 21
    21 umhawu, ukubulala, ukudakwa, ukuxokozela, nokunye okunjalo, enginitshela ngakho ngaphambili, njengalokho ngasho kini ngaphambili, ukuthi abenza okunjalo abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.

    Izaga zikaSolomoni 20 : 1
    1 Iwayini liyisideleli, uphuzo oludakayo lubanga umsindo; nokhohliswa yikho akahlakaniphile.

    1 kuThimothewu 3 : 2
    2 Ngakho umbhishobhi umelwe ukuba ngongasolekiyo, indoda emfazi munye, eqaphile, eqondileyo, eziphatha kahle, ephatha kahle izihambi, enekhono lokufundisa;

    1 kaPetru 4 : 7
    7 Kepha ukuphela kwakho konke sekusondele;

    Kwabase-Efesu 5 : 18
    18 Futhi ningadakwa yiwayini, lapho kukhona ukuganga; kodwa gcwaliswani ngoMoya;

    KwabaseRoma 12 : 3
    3 Ngoba ngomusa engiwuphiweyo, ngithi kuwo wonke umuntu ophakathi kwenu ukuthi angazicabangeli ngaphezu kwalokho afanele ukukucabanga; kodwa acabange ngokuqonda, njengalokho uNkulunkulu abele yilowo nalowo isilinganiso sokukholwa.

    KuThithu 2 : 2
    2 ukuze amadoda amadala abe ahluzekile, ahloniphekile, aqondileyo, aphilile ekukholweni, othandweni, nasekubekezeleni.

    1 kwabaseThesalonika 5 : 6
    6 Ngakho-ke masingalali njengabanye; kodwa masiqaphele, sibe sisangulukile.

    Izaga zikaSolomoni 23 : 29 – 35
    29 Ngubani onosizi? ngubani onosizi? ubani oxabene oxoxe? ngubani onamanxeba kungenasizathu na? ubani onamehlo abomvu?
    30 Abazihlalela ewayinini; abahamba befuna iwayini elixutshiwe.
    31 Ungalibuki iwayini ukuthi libomvu, uma likhipha umbala endebeni, uma linyakaza liqondile.
    32 Ekugcineni iluma njengenyoka futhi iluma njengenyoka.
    33 Amehlo akho ayakubona abesifazane abezizwe, inhliziyo yakho ikhulume amanga.
    34 Yebo, niyakuba njengaye olele phakathi kolwandle, nanjengalowo olele esiqongweni sensika.
    35 Bangishaya, kodwa angizange ngigule; bangishaya, angizwanga; ngizovuka nini ngizophinde ngiyibheke.

    1 kaJohane 5 : 19
    19 Siyazi ukuthi singabakaNkulunkulu nokuthi umhlaba wonke ulele ebubini.

    1 kwabaseKorinte 6 : 10
    10 Namasela, nabahahayo, nazidakwa, nazithuki, nabaphangi abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.

    U-Isaya 5 : 11
    11 Maye kulabo abavuka ekuseni ukuze balandele uphuzo oludakayo; okuqhubeka kuze kube sebusuku, baze bashiswe iwayini.

    1 kwabaseKorinte 5 : 11
    11 Kodwa khathesi-ke ngilibhalela ukuthi lingahlangani loba ngubani othiwa ungumzalwane eyisifebe, kumbe isihwaba, kumbe okhonza izithombe, kumbe isithuki, kumbe isidakwa, kumbe umphangi; onjalo lingadli.

    1 kwabaseKorinte 3 : 16 – 17
    16 Anazi yini ukuthi niyithempeli likaNkulunkulu nokuthi uMoya kaNkulunkulu uhlala kini na?
    17 Uma umuntu engcolisa ithempeli likaNkulunkulu, uNkulunkulu uyakumchitha lowo; ngoba ithempeli likaNkulunkulu lingcwele, eliyilo lina.

    2 kuThimothewu 4 : 5
    5 Kodwa wena qaphela ezintweni zonke, ubekezele ezinhluphekweni, wenze umsebenzi womvangeli, ugcwalise inkonzo yakho.

    KwabaseRoma 12 : 1
    1 Ngakho ngiyanincenga, bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe-ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, owamukelekayo kuNkulunkulu, kube ngukukhonza kwenu kokuqonda.

    1 kwabaseKorinte 6 : 19 – 20
    19 Yini? Anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele okinina, enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo abenu na?
    20 Ngokuba nathengwa ngenani;

    1 kwabaseKorinte 8 : 9
    9 Kepha qaphelani, funa lelo lungelo lenu libe yisikhubekiso kwababuthakathaka.

  • Lithini iBhayibheli ehola ngesibonelo – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana ehola ngesibonelo

    Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo ehola ngesibonelo

    KuThithu 2 : 7
    7 Ezintweni zonke uzibonakalise uyisiboniso semisebenzi emihle: esifundiseni ukhombisa ukungonakali, ukulunga, ubuqotho,

    1 kuThimothewu 4 : 12
    12 Makungabikho-muntu odelela ubusha bakho; kepha yiba yisibonelo kwabakholwayo ngezwi, nangenkambo, nangothando, nangokholo, nangokuhlanzeka.

    1 kaPetru 3 : 15
    15 Kodwa ngcwelisani iNkosi uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu, njalo lilungele ukuphendula wonke umuntu olibuza ngesizatho sethemba elikini, ngobumnene langokwesaba;

    1 kuThimothewu 3 : 1 – 5
    1 Liqinisile izwi elithi: Uma umuntu efisa isikhundla sombonisi, unxanela umsebenzi omuhle;
    2 Ngakho umbhishobhi umelwe ukuba ngongasolekiyo, indoda emfazi munye, eqaphile, eqondileyo, eziphatha kahle, ephatha kahle izihambi, enekhono lokufundisa;
    3 Ongadakwanga iwayini, ongesiye oshayayo, ongahaheli inzuzo embi; kodwa ibekezele, ingabi yingxabano, ingabi ngabahahayo;
    4 ongamela kahle owakhe umuzi, enabantwana abamthobela ngakho konke ukuhlonipheka;
    5 (Ngokuba uma umuntu engakwazi ukuphatha owakhe umuzi, angaliphatha kanjani ibandla likaNkulunkulu na?)

    2 kuThimothewu 2 : 24
    24 Inceku yeNkosi akufanele ilwe; kodwa abe mnene kubo bonke, ekwazi ukufundisa, ngokubekezela,

    Johane 16 : 33
    33 Lezizinto ngizikhulume kini ukuze libe lokuthula kimi. Ezweni niyakuba nosizi, kepha yimani isibindi; mina ngilinqobile izwe.

    1 kaPetru 5 : 1 – 14
    1 Amalunga aphakathi kwenu ngiyabakhuthaza, mina engimdala, nofakazi wezinhlupheko zikaKristu, nomhlanganyeli enkazimulweni ezakwambulwa;
    2 Yalusani umhlambi kaNkulunkulu ophakathi kwenu, niwubheke, kungabi ngokucindezelwa, kodwa ngokuzithandela; kungabi ngenzuzo eyichilo, kodwa ngenhliziyo evumayo;
    3 kungabi ngokuba amakhosi phezu kwefa likaNkulunkulu, kodwa nibe yizibonelo emhlambini.
    4 Kuyakuthi lapho ebonakala uMalusi omkhulu, niyakwamukeliswa umqhele wenkazimulo ongabuniyo.
    5 Ngokunjalo, nina basha, thobelani abadala. Yebo, nonke thobelani omunye komunye, nembathe ukuthobeka, ngokuba uNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.
    6 Ngakho zithobeni ngaphansi kwesandla sikaNkulunkulu esilamandla, ukuze azaliphakamisa ngesikhathi esifaneleyo;
    7 Niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe; ngoba uyalikhathalela.
    8 Zithibeni, niqaphe; ngokuba isitha senu uSathane, njengengonyama ebhongayo, siyahamba sifuna engamshwabadela;
    9 melanani naye niqinile ekukholweni, nazi ukuthi zona lezi zinhlupheko ziyafezwa kubazalwane benu abasezweni.
    10 Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKristu Jesu, senihluphekile isikhashana, uyakuniphelelisa, aniqinise, aniqinise, anisekele.
    11 Makube kuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.
    12 NgoSilvanu umzalwane othembekileyo njengokucabanga kwami, ngilobele kini kafushane, ngikhuthaza, ngifakaza ukuthi lo ngumusa oqinisileyo kaNkulunkulu;
    13 Ibandla eliseBabiloni elikhethiweyo kanye nani liyakhonza kini; kanjalo noMarcus indodana yami.
    14 Bingelelanani ngokwanga kothando. Ukuthula makube kini nonke enikuKristu Jesu. Amen.

    Mathewu 25 : 21
    21 Inkosi yakhe yathi kuye: ‘Kuhle, nceku enhle nethembekileyo!

    1 kaPetru 2 : 21 – 24
    21 Ngokuba nabizelwa lokho, ngokuba uKristu wahlupheka ngenxa yethu, esishiyela isibonelo sokuba nilandele ezinyathelweni zakhe;
    22 ongonanga, nenkohliso ayitholwanga emlonyeni wakhe;
    23 owathi ethukwa, akaphindanga athuke; lapho ehlupheka, akasongelanga; kodwa wayezinikele kuye owahlulela ngokulunga.
    24 Yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze thina sesifile ezonweni siphile ekulungeni, omivimbo yakhe naphulukiswa ngayo.

    EkaJokobe 3 : 1 – 18
    1 Ningabi ngabafundisi abaningi, bazalwane bami, nazi ukuthi siyakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.
    2 Ngokuba siyakhubeka ngokuningi sonke. Uma umuntu engakhubeki ngezwi, lowo uyindoda epheleleyo, enamandla okulawula nomzimba wonke njengetomu.
    3 Bheka, sifaka amatomu emilonyeni yamahhashi ukuba asilalele; futhi sijika umzimba wabo wonke.
    4 Bhekani, nemikhumbi, imikhulu kangaka, iqhutshwa yimimoya enamandla, ijikiswa ngomphini omncane kakhulu, iye nomaphi lapho umbusi ethanda ukuya khona.
    5 Kanjalo nolimi luyisitho esincane, kepha luyazidla kakhulu. Bhekani, umlilo omncane uvutha kangakanani!
    6 nolimi lungumlilo, izwe lokungalungi, lunjalo nolimi phakathi kwezitho zethu, lungcolisa umzimba wonke, luthungela inkambo yemvelo; futhi uthungelwa umlilo wesihogo.
    7 Ngoba yonke inhlobo yezilwane, leyezinyoni, leyezinyoka, leyaselwandle, iyathanjisiwe, njalo isithanjisiwe ngabantu;
    8 Kodwa ulimi kakho ongaluthambisa; buyibubi obungalawuleki, bugcwele ubuthi obubulalayo.
    9 Ngalo siyambonga uNkulunkulu uBaba; futhi ngalo siqalekisa abantu abenziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu.
    10 Emlonyeni munye kuphuma isibusiso lesiqalekiso. Akufanele lokho, bazalwane bami, ukuba kube njalo.
    11 Umthombo uyaphuma yini endaweni eyodwa amanzi amnandi ababayo na?
    12 Bazalwane bami, umkhiwane ungathela izithelo zomnqumo na? noma umvini, amakhiwane? kanjalo kawunamthombo othela amanzi anosawoti namnandi.
    13 Ngubani phakathi kwenu indoda ehlakaniphileyo njalo enolwazi? Makabonise ngenkambo enhle imisebenzi yakhe ngobumnene bokuhlakanipha.
    14 Kepha uma ninomhawu obabayo nokubanga ezinhliziyweni zenu, ningazibongi, ningaqambi iqiniso amanga.
    15 Lokhu kuhlakanipha kakuveli phezulu, kodwa kungokomhlaba, kwemvelo, kobudeveli.
    16 Ngokuba lapho kukhona umhawu nokuxabana, kukhona isiyaluyalu nayo yonke imisebenzi emibi.
    17 Kepha ukuhlakanipha kwaphezulu okokuqala kuhlanzekile, bese kuba-nokuthula, nokumnene, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle, akunabandlululo, nokungazenzisi.
    18 Lesithelo sokulunga sihlanyelwa ekuthuleni kulabo abenza ukuthula.

    IzEnzo 20 : 28
    28 Ziqapheleni nina nomhlambi wonke anibeke kuwo uMoya oNgcwele ukuba nibe ngababonisi bokwelusa ibandla likaNkulunkulu azithengele lona ngegazi lakhe.

    Johane 10 : 11
    11 Mina ngingumalusi omuhle; umalusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu.

  • Lithini iBhayibheli eHorebe – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana eHorebe

    Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo eHorebe

    UEksodusi 3 : 1
    1 UMose wayeselusa umhlambi kaJetiro umukhwe wakhe, umpristi wakwaMidiyani; wahola umhlambi emva kwehlane, wafika entabeni kaNkulunkulu kuze kufike eHorebe.

    UEksodusi 17 : 6
    6 Bheka, ngiyakuma lapho phambi kwakho edwaleni laseHorebe; uyakushaya idwala, kuphume amanzi kulo, abantu baphuze. Wenze njalo uMose emehlweni amalunga akwa-Israyeli.

    UEksodusi 33 : 6
    6 Abantwana bakwa-Israyeli bakhumula izivunulo zabo entabeni yaseHorebe.

    UDuteronomi 1 : 2
    2 (Kuwuhambo lwezinsuku eziyishumi nanye ukusuka eHorebe ngomgwaqo osuka entabeni yaseSeyiri ukuya eKadeshi-Barineya.)

    UDuteronomi 1 : 6
    6 UJehova uNkulunkulu wethu wakhuluma kithi eHorebe, wathi: “Senihlale isikhathi eside kule ntaba.

    UDuteronomi 1 : 19
    19 Sasuka eHorebe, sadabula lonke ihlane elikhulu nelesabekayo enalibonayo endleleni yasentabeni yama-Amori, njengalokho uJehova uNkulunkulu wethu wasiyala; safika eKadeshi Barineya.

    UDuteronomi 4 : 10
    10 Ikakhulu ngosuku owama ngalo phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho eHorebe, lapho uJehova ethi kimi: ‘Buthela abantu kimi, ngibenze balalele amazwi ami, ukuze bafunde ukungilalela. Besabe zonke izinsuku abayakuphila ngazo emhlabeni, ukuze bafundise abantwana babo.

    UDuteronomi 4 : 15
    15 Ngakho zinakekeleni; ngoba anibonanga mfanekiso mhla uJehova ekhuluma kini eHorebe ephakathi komlilo.

    UDuteronomi 5 : 2
    2 UJehova uNkulunkulu wethu wenza isivumelwano nathi eHorebe.

    UDuteronomi 9 : 8
    8 NaseHorebe namthukuthelisa uJehova, uJehova wanithukuthelela ukuba anibhubhise.

    UDuteronomi 29 : 1
    1 Lawa angamazwi esivumelwano uJehova ayala ngaso uMose ukuba asenze nabantwana bakwa-Israyeli ezweni lakwaMowabi ngaphandle kwesivumelwano asenza nabo eHorebe.

    1 Amakhosi 8 : 9
    9 Kwakungekho lutho emphongolweni, kuphela izibhebhe ezimbili zamatshe uMose azibeke khona eHorebe, lapho uJehova enza isivumelwano nabantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo ezweni laseGibithe.

    1 Amakhosi 19 : 8
    8 Wavuka, wadla, waphuza, ngamandla alokho kudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane waya eHorebe, intaba kaNkulunkulu.

    2 IziKronike 5 : 10
    10 Kwakungekho lutho emphongolweni, kuphela izibhebhe ezimbili uMose azibeke kuwo eHorebe, lapho uJehova enza isivumelwano nabantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe.

    Amahubo 106 : 19
    19 Benza ithole eHorebe, bakhuleka esithombeni esibunjiweyo.

  • Lithini iBhayibheli eHoremu – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana eHoremu

    Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo eHoremu

    UJoshuwa 19 : 38
    38 no-Ister, neMigidaleli, neHoremu, neBetanati, neBeti Shemeshi; imizi eyishumi nesishiyagalolunye nemizana yayo.