Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo elazi izwi lakhe
Johane 10 : 1 – 42
1 Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini: Ongangeni ngesango esibayeni sezimvu, kodwa ekhwela ngenye indlela, lowo ulisela nomphangi.
2 Kepha ongena ngesango ungumalusi wezimvu.
3 Umlindisango uyamvulela; nezimvu ziyalizwa izwi lakhe, ubiza ezakhe izimvu ngamagama, aziholele phandle.
4 Nxa esezikhiphile ezakhe izimvu, uhamba phambi kwazo, nezimvu zimlandele, ngokuba ziyalazi izwi lakhe.
5 Nomfokazi aziyikumlandela, kepha ziyakumbalekela, ngokuba azilazi izwi labafokazi.
6 UJesu wakhuluma lo mfanekiso kubo, kepha bona kabaqondanga ukuthi kuyini abekukhuluma kubo.
7 Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Mina ngiyisango lezimvu.
8 Bonke abake bafika ngaphambi kwami bangamasela nabaphangi, kepha izimvu azibezwanga.
9 Mina ngiyisango; uma umuntu engena ngami, uyakusindiswa, angene aphume, afumane idlelo.
10 Isela alizi kodwa ukweba nokubulala nokubhubhisa; mina ngize ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime.
11 Mina ngingumalusi omuhle; umalusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu.
12 Kodwa okhokhelwayo, engesiye umalusi, izimvu ezingezona ezakhe, ebona impisi iza, uyazishiya izimvu, abaleke, impisi izibambe, izihlakaze.
13 Oqashwayo uyabaleka, ngokuba engoqashiwe, engazikhathaleli izimvu.
14 Mina ngingumalusi omuhle, ngiyazazi izimvu zami, nezami ziyaziwa.
15 Njengokuba uBaba uyangazi, nami ngiyamazi uBaba, futhi ngidela ukuphila kwami ngenxa yezimvu.
16 Nezinye izimvu nginazo ezingesizo ezalesi sibaya; nalezo ngimelwe ukuziletha, ziyakuzwa izwi lami; futhi kuyoba mhlambi munye, nomalusi oyedwa.
17 Ngakho uBaba uyangithanda, ngokuba mina ngidela ukuphila kwami, ukuze ngibuye ngikuthabathe.
18 Akakho ongangamuka mina, kodwa mina ngidela ngokwami. Nginamandla okukubeka phansi, nginamandla okubuye ngikuthabathe; lomlayo ngiwamukele kuBaba.
19 Kwaphinda kwaba khona ukwahlukana phakathi kwabaJuda ngalawa mazwi.
20 Abaningi kubo bathi: “Unedemoni, uyahlanya; nimlaleleni na?
21 Abanye bathi: “Lawo mazwi akusiwo awonedemoni. Idemoni lingavula amehlo ezimpumputhe na?
22 Kwakungumkhosi wokuhlanjululwa eJerusalema; kwakusebusika.
23 UJesu wayehambahamba ethempelini ekhulusini likaSolomoni.
24 Base bemhaqa abaJuda, bathi kuye: “Koze kube nini usenza singabaze na? Uma unguKristu, sitshele ngokusobala.
25 UJesu wabaphendula wathi: “Nginitshelile, kepha anikholwanga; imisebenzi engiyenzayo egameni likaBaba yiyona efakaza ngami.
26 Kepha anikholwa, ngokuba anisibo abezimvu zami, njengalokho ngasho kini.
27 Izimvu zami ziyalizwa ilizwi lami, lami ngiyazazi, futhi ziyangilandela;
28 Mina ngizinika ukuphila okuphakade; azisoze zabhubha naphakade, akakho ongazihlwitha esandleni sami.
29 UBaba onginike zona mkhulu kunabo bonke; futhi akakho ongazihlwitha esandleni sikaBaba.
30 Mina noBaba simunye.
31 AmaJuda abuye athatha amatshe ukuze amkhande.
32 UJesu wawaphendula wathi: Ngilitshengise imisebenzi eminengi emihle evela kuBaba; Yimuphi kule misebenzi eningikhandela yona na?
33 AbaJuda bamphendula bathi: “Asikukhandi ngenxa yomsebenzi omuhle; kodwa ukuhlambalaza; langoba wena ungumuntu uzenza uNkulunkulu.
34 UJesu wabaphendula wathi: Kakulotshiwe yini emthethweni wenu ukuthi: Mina ngathi: Lingonkulunkulu?
35 Uma wababiza ngokuthi ngonkulunkulu, okwafika kubo izwi likaNkulunkulu, nombhalo ungeqiwe;
36 Nina nisho ngaye uBaba amngcwelisayo, wamthuma ezweni, ukuthi: Uyahlambalaza; ngoba ngithe: Mina ngiyiNdodana kaNkulunkulu?
37 Uma ngingenzi imisebenzi kaBaba, ningangikholwa;
38 Kepha uma ngiyenza, nakuba ningakholwa yimi, kholwani yimisebenzi, ukuze nazi, nikholwe ukuthi uBaba ukimi, nami ngikuye.
39 Ngakho baphinda bafuna ukumbamba, kodwa waphunyuka esandleni sabo.
40 Wabuye wamuka waya phesheya kweJordani, endaweni uJohane ayebhapathiza kuyo kuqala; wahlala khona.
41 Abaningi beza kuye, bathi: “UJohane akenzanga sibonakaliso, kepha konke uJohane akushoyo ngalo muntu kwakuyiqiniso.
42 Abaningi bakholwa kuye lapho.
Johane 6 : 50 – 71
50 Lesi yisinkwa esehla ezulwini, ukuba umuntu asidle, angafi.
51 Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehle ezulwini; uma umuntu edla lesi sinkwa, uyakuphila phakade;
52 Ngakho abaJuda baphikisana bodwa, besithi: Lo angasinika njani inyama yakhe ukuthi siyidle?
53 UJesu wayesethi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma ningayidli inyama yeNdodana yomuntu, niphuze igazi layo, aninakuphila kini.
54 Odla inyama yami, aphuze igazi lami, unokuphila okuphakade; futhi mina ngizamvusa ngosuku lokucina.
55 Ngokuba inyama yami ingukudla isibili, negazi lami liyisiphuzo isibili.
56 Odla inyama yami, anathe igazi lami, uhlala kimi, nami kuye.
57 Njengokuba uBaba ophilayo ungithumile, nami ngiphila ngoBaba, kanjalo ongidlayo, naye uyakuphila ngami.
58 Leso yisinkwa esehla ezulwini, kungenjengalokho oyihlo badla imana, bafa; odla lesi sinkwa uyakuphila phakade.
59 Lokho wakukhuluma esinagogeni efundisa eKapernawume.
60 Ngakho abaningi kubafundi bakhe bekuzwa bathi: “Lilukhuni leli zwi; ngubani ongakuzwa na?
61 UJesu ekwazi phakathi kwakhe ukuthi abafundi bakhe bayakhonona ngalokho, wathi kubo: “Lokhu kuyanicasula na?
62 Kuyini-ke nxa libona iNdodana yomuntu yenyukela lapho eyayikhona kuqala?
63 Ngumoya ophilisayo; inyama ayisizi lutho; amazwi engiwakhuluma kini angumoya, angukuphila.
64 Kodwa bakhona abanye kini abangakholwa. Ngokuba uJesu wayazi kwasekuqaleni ukuthi bangobani abangakholwa nokuthi ngubani oyakumkhaphela.
65 Wasesithi: Kungakho ngithe kini: Kakho ongeza kimi, ngaphandle kokuthi ukuphiwe nguBaba.
66 Kusukela ngaleso sikhathi abaningi babafundi bakhe babuyela emuva, ababe besahamba naye.
67 Khona uJesu wathi kwabayishumi nambili: “Nani nithanda ukumuka na?
68 USimoni Petru wamphendula wathi: “Nkosi, siyakuya kubani na? amazwi okuphila okuphakade nguwe.
69 Siyakholwa, siyazi ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.
70 UJesu wabaphendula wathi: “Mina anginikhethanga nina abayishumi nambili na?
71 Wayekhuluma ngoJudasi Iskariyothe kaSimoni, ngoba nguye owayezamkhaphela, engomunye wabalitshumi lambili.