Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo uZakariya
1 IziKronike 5 : 7
7 Abafowabo ngemindeni yabo, lapho kubalwa izizukulwane zabo, isikhulu sesizwe kwakunguJehiyeli noZakariya,
1 IziKronike 9 : 21
21 UZakariya indodana kaMeshelemiya wayengumlindisango womnyango wetende lokuhlangana.
1 IziKronike 15 : 18
18 kanye nabo abafowabo besigaba sesibili, uZakariya, noBeni, noJahesiyeli, noSemiramoti, noJehiyeli, no-Uni, no-Eliyabe, noBenaya, noMahaseya, noMatitja, no-Elifele, noMikineya, no-Obede Edomi, noJehiyeli, abalindisango.
1 IziKronike 15 : 20
20 noZakariya, no-Asiyeli, noSemiramoti, noJehiyeli, no-Uni, no-Eliyabe, noMahaseya, noBenaya, benezingubhu ze-Alamoti;
1 IziKronike 15 : 24
24 OSebaniya, noJehoshafati, noNethaneli, no-Amasayi, noZakariya, noBenaya, no-Eliyezeri, abapristi, babetha amacilongo phambi komphongolo kaNkulunkulu; o-Obede Edomi noJehiya babengabamasango omphongolo.
1 IziKronike 16 : 5
5 U-Asafa inhloko, beseceleni kwakhe uZakariya, noJehiyeli, noShemiramoti, noJehiyeli, noMatitja, no-Eliyabe, noBenaya, no-Obede Edomi; noJehiyeli ngamahabhu nezihabhu; u-Asafa wakhalisa amasimbali;
1 IziKronike 26 : 2
2 Amadodana kaMeshelemiya: UZakariya izibulo, uJediyayeli owesibili, uZebadiya owesithathu, uJatheniyeli owesine,
1 IziKronike 26 : 14
14 Inkatho yasempumalanga yadla uSelemiya. Base benza inkatho ngendodana yakhe uZakariya, umeluleki ohlakaniphileyo; inkatho yakhe yaphumela enyakatho.
1 IziKronike 9 : 37
37 noGedori, no-Ajo, noZakariya, noMikiloti.
1 IziKronike 8 : 31
31 noGedori, no-Ahijo, noSageri.
1 IziKronike 24 : 25
25 Umfowabo kaMika wayenguJese; emadodaneni kaJese; uZakariya.
2 IziKronike 34 : 12
12 Amadoda awenza umsebenzi ngokuthembeka; nezinduna zabo kwakunguJahati no-Obadiya, amaLevi, emadodaneni kaMerari; noZakariya noMeshulamu emadodaneni amaKohati ukuba bayiqeqeshe; nabanye bamaLevi, bonke ababekwazi ukubethwa izinto zokubethwa.
1 IziKronike 26 : 11
11 uHilikiya owesibili, uThebaliya owesithathu, uZakariya owesine; onke amadodana nabafowabo bakaHosa babe yishumi nantathu.
1 IziKronike 27 : 21
21 Enxenyeni yesizwe sakwaManase kwaGileyadi: ngu-Ido indodana kaZakariya; kwaBenjamini, uJahaziyeli indodana ka-Abineri;
2 IziKronike 17 : 7
7 Ngomnyaka wesithathu wokubusa kwakhe wathumela ezikhulwini zakhe, oBeni-hayili, no-Obadiya, noZakariya, noNethaneli, noMikaya, ukufundisa emizini yakwaJuda.
2 IziKronike 20 : 14
14 UMoya weNkosi wehlela phezu kukaJahaziyeli indodana kaZakariya indodana kaBenaya indodana kaJehiyeli indodana kaMathaniya umLevi wamadodana ka-Asafa, uMoya weNkosi phakathi kwebandla weza;