Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo uthando
Mathewu 5 : 43 – 44
43 Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’
44 Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nenze okuhle kwabalizondayo, nibakhulekele abaniphatha kabi, banizingele;
Johane 15 : 9
9 Njengalokhu uBaba engithandile, nami nginithandile; hlalani othandweni lwami.
Amahubo 127 : 3
3 Bheka, abantwana bayifa likaJehova, nesithelo sesisu sikanina singumvuzo wakhe.
Izaga zikaSolomoni 17 : 17
17 Umngane uthanda ngezikhathi zonke, nomzalwane uzalelwa ukuhlupheka.
Johane 14 : 6
6 UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.
Leave a Reply