Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo iGalathiya
IzEnzo 16 : 6
6 Sebedabule izwe laseFrigiya nelaseGalathiya, benqatshelwe nguMoya oNgcwele ukulishumayela izwi e-Asiya;
IzEnzo 18 : 23
23 Esehlale khona isikhathi, wamuka, walidabula ngokulandelana izwe laseGalathiya nelaseFrigiya, eqinisa bonke abafundi.
1 kwabaseKorinte 16 : 1
1 Maqondana nokuqoqwa kweminikelo yabangcwele, njengalokho ngayala amabandla aseGalathiya, yenzani kanjalo nani.
1 kaPetru 1 : 1
1 UPetru, umphostoli kaJesu Kristu, kubo abezizwe abahlakazekele ePontu, naseGalathiya, naseKaphadosiya, nase-Asiya, naseBhithiniya,
KwabaseGalathiya 1 : 2
2 Nabazalwane bonke abanami kuwo amabandla aseGalathiya;
Leave a Reply