Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo I-Caphtorim
UGenesise 10 : 14
14 namaPatrusi namaKasluhi, lapho kwaphuma khona amaFilisti, namaKafitori.
1 IziKronike 1 : 12
12 namaPatrusi, namaKasluhi, okwaphuma kuwo amaFilisti, namaKafitori.
UDuteronomi 2 : 23
23 Ama-Avi ayehlala eHazerimi kwaze kwaba se-Asa, amaKafitori aphuma eKafitori, awachitha, ahlala endaweni yawo.)
UJeremiya 47 : 4
4 ngenxa yosuku oluzayo lokuphanga onke amaFilisti, nokunquma eTire naseSidoni bonke abasizayo abaseleyo, ngokuba uJehova uyakuphanga amaFilisti, insali yezwe laseKafitori.
U-Amose 9 : 7
7 Aninjengabantwana bamaKushe yini kimi, nina bantwana bakwa-Israyeli? kusho uJehova. Angimkhuphulanga yini u-Israyeli ezweni laseGibithe na? namaFilisti eKafitori, nama-Aramu aseKiri?
Leave a Reply