Lithini iBhayibheli ibhayibheli – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana ibhayibheli

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo ibhayibheli

2 kuThimothewu 3 : 15 – 17
15 lokuthi kusukela ebuntwaneni wazi imibhalo engcwele, elamandla okukuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKristu Jesu.
16 Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu, ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni;
17 ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.

KumaHeberu 4 : 12
12 Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kwahlukaniswe umphefumulo nomoya, amalungu nomnkantsha, lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo.

Mathewu 4 : 4
4 Kodwa waphendula wathi: Kulotshiwe ukuthi: Umuntu kayikuphila ngesinkwa sodwa, kodwa ngamazwi wonke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.

IsAmbulo 22 : 18 – 19
18 Ngokuba ngiyafakaza kubo bonke abezwayo amazwi esiprofetho sale ncwadi, uma umuntu enezela kulezizinto, uNkulunkulu uyakwenezela kuye izinhlupho ezilotshwe kule ncwadi;
19 Futhi uma umuntu esusa kuwo amazwi encwadi yalesi siprofetho, uNkulunkulu uyakususa isabelo sakhe encwadini yokuphila, nasemzini ongcwele, nakulokho okulotshiwe kule ncwadi.

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *