Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo IBhali-Pherasimi
2 Samuweli 5 : 20
20 UDavide wafika eBali Pherasimi, uDavide wawachitha khona, wathi: “UJehova wafohla phambi kwami njengomfula phezu kwezitha zami; ngalokho wabiza leyo ndawo ngokuthi iBali-Pherasimi.
1 IziKronike 14 : 11
11 Base benyukela eBali Pherazimi; uDavide wawabulala khona. UDavide wayesethi: “UNkulunkulu wadabula isandla sami ezitheni zami njengokufohla kwamanzi; ngalokho babiza leyo ndawo ngokuthi iBali Pherazimi.
U-Isaya 28 : 21
21 Ngokuba uJehova uyakusukuma njengasentabeni yasePherasimi; Uyakuthukuthela njengasesigodini saseGibeyoni ukuba enze umsebenzi wakhe, umsebenzi wakhe ongavamile; futhi ufeza isenzo sakhe, isenzo sakhe esiyinqaba.
Leave a Reply