Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo ibandla
IzEnzo 2 : 42 – 47
42 Babephikelela emfundisweni yabaphostoli, nasekuhlanganyeleni, nasekuhlephuleni isinkwa, nasemithandazweni.
43 Ukwesaba kwehlela wonke umuntu; kwenzeka izimangaliso eziningi nezibonakaliso ngabaphostoli.
44 Bonke abakholwayo babendawonye, bahlanganyela zonke izinto;
45 bathengisa ngempahla yabo lempahla zabo, babela bonke njengokuswela kwawo wonke.
46 Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa endlini ngendlu, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo.
47 Bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.
KwabaseKolose 1 : 18
18 Futhi yona iyinhloko yomzimba, ibandla, eyisiqalo, izibulo kwabafileyo; ukuze ibe ngeyokuqala ezintweni zonke.
Kwabase-Efesu 1 : 22 – 23
22 Futhi ubeke zonke izinto ngaphansi kwezinyawo zakhe, futhi wammisa abe yinhloko phezu kwakho konke ebandleni.
23 Ongumzimba wakhe, ukugcwala kwakhe ogcwalisa konke kukho konke.
Mathewu 16 : 18
18 Nami ngithi kuwe: Wena unguPetru, phezu kwalelidwala ngiyakulakha ibandla lami; futhi amasango esihogo ngeke alinqobe.
Leave a Reply