Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo I-Akhaya
IzEnzo 19 : 21
21 Kwathi seziphelile lezi zinto, uPawulu wazimisela emoyeni, esedabulile iMakedoniya ne-Akhaya, ukuya eJerusalema, wathi: “Emva kokufika kwami khona ngimelwe ukubona neRoma.
KwabaseRoma 16 : 5
5 Khonzani ngokunjalo nebandla elisendlini yabo. Khonzani ku-Ephenetu othandiweyo wami, oyizithelo zokuqala ze-Akhaya kuKristu.
1 kwabaseKorinte 16 : 15
15 Ngiyanincenga, bazalwane, niyayazi indlu kaStefana ukuthi iyilibo lase-Akhaya nokuthi bazinikele enkonzweni yabangcwele;
2 kwabaseKorinte 1 : 1
1 UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu, noThimothewu umzalwane kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKorinte kanye nabangcwele bonke abakulo lonke elase-Akhaya.
KwabaseRoma 15 : 26
26 Ngokuba kwaba kuhle kwabaseMakedoniya nabase-Akhaya ukunikela okuthile kwabampofu abangcwele baseJerusalema.
2 kwabaseKorinte 9 : 2
2 Ngokuba ngiyakwazi ukushisekela kwenu, engizibonga ngakho ngani kwabaseMakedoniya, ukuthi i-Akhaya lalilungisile kwanyakenye; nokushisekela kwenu kucunule abaningi.
2 kwabaseKorinte 11 : 10
10 Njengoba iqiniso likaKristu likimi, ukuthi lokhu kuzincoma akusayikuvinjwa muntu ezifundeni zase-Akhaya.
Leave a Reply