Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo hlonipha unyoko noyihlo
UEksodusi 20 : 12
12 Yazisa uyihlo nonyoko, ukuze izinsuku zakho zande ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.
Kwabase-Efesu 6 : 1 – 3
1 Bantwana, lalelani abazali benu eNkosini, ngokuba lokho kulungile.
2 Yazisa uyihlo nonyoko; (ongumlayo wokuqala onesithembiso;)
3 Ukuze kube kuhle kuwe, futhi uhlale isikhathi eside emhlabeni.
Izaga zikaSolomoni 30 : 17
17 Iso eliklolodela uyise nelidelela ukulalela unina, amagwababa asesigodini ayakulihlwitha, amazinyane okhozi alidle.
Leave a Reply