Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Gosheni
UGenesise 45 : 10
10 Uyakuhlala ezweni laseGosheni, ube seduze kwami, wena nabantwana bakho, nabantwana babantwana bakho, nezimvu zakho, nezinkomo zakho, nakho konke onakho.
UGenesise 46 : 28
28 Wathuma uJuda phambi kwakhe kuJosefa ukuba abhekise ubuso bakhe ngaseGosheni; bafika ezweni laseGosheni.
UEksodusi 8 : 22
22 Ngalolo suku ngiyakunquma izwe laseGosheni abantu bami abahlala kulo, kungabikho izibawu; kuze kube sekupheleni niyakwazi ukuthi nginguJehova enkabeni yomhlaba.
UEksodusi 9 : 26
26 Ezweni laseGosheni kuphela, lapho kwakukhona abantwana bakwa-Israyeli, akubangakho sichotho.
UJoshuwa 10 : 41
41 UJoshuwa wababulala kusukela eKadeshi-Barineya kwaze kwaba seGaza, nalo lonke izwe laseGosheni kuze kufike eGibeyoni.
UJoshuwa 11 : 16
16 UJoshuwa walithatha lonke lelo zwe, izintaba, neningizimu, nalo lonke izwe laseGosheni, nesigodi, nethafa, nezintaba zakwa-Israyeli, nesigodi sayo;
UJoshuwa 15 : 51
51 neGosheni, neHoloni, neGilo; imizi eyishumi nanye nemizana yayo;
Leave a Reply