Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo ezalwa esonweni
Amahubo 51 : 5
5 Bheka, ngabunjwa ebubini; futhi umama wangamukela esonweni.
KwabaseRoma 5 : 12 – 14
12 Ngakho njengalokhu ngamuntu munye isono sangena emhlabeni, langesono ukufa; kanjalo ukufa kwedlulela kubantu bonke, lokhu bonke bonile;
13 Ngokuba kuze kube ngumthetho isono sasikhona ezweni, kepha isono asibalelwa ungekho umthetho.
14 Nokho ukufa kwabusa kusukela ku-Adamu kuze kufike kuMose, ngisho naphezu kwalabo abangonanga njengesiphambeko sika-Adamu, ongumfanekiso walowo owayezakuza.
Amahubo 58 : 3
3 Ababi bahlukanisiwe kwasesiswini; bayaduka ekuzalweni kwabo, bakhulume amanga.
1 kwabaseKorinte 15 : 22
22 Ngokuba njengalokhu ku-Adamu bonke bayafa, ngokunjalo kuKristu bonke bayakuphiliswa.
Leave a Reply