Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo esondela kuNkulunkulu
IzEnzo 2 : 38 – 39
38 UPetru wayesethi kubo: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono, khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.
39 Ngokuba isithembiso ngesenu, nesabantwana benu, nesabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza.
UJeremiya 29 : 13
13 Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifuna ngenhliziyo yenu yonke.
Luka 1 : 37
37 Ngokuba akukho lutho olungenzeke kuNkulunkulu.
Leave a Reply