Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Ephrata
UGenesise 35 : 16
16 Basuka eBethele; kwasekusele ingcosana ukuthi ufike e-Efrathi, uRaheli waba lomhelo, wabeletha kakhulu.
UGenesise 35 : 19
19 URaheli wafa, wembelwa endleleni yase-Efrati eyiBetlehema.
UGenesise 48 : 7
7 Mina-ke, ekuphumeni kwami ePhadani, uRaheli wafa nami ezweni laseKhanani endleleni, kusekude ukuba ngifike e-Efrati; ngammbela lapho endleleni yase-Efrati; okuyiBetlehema.
URuthe 4 : 11
11 Bonke abantu ababesesangweni namadoda amakhulu bathi: “Singofakazi.” UJehova makenze owesifazane ongene endlini yakho abe njengoRaheli nanjengoLeya abakha indlu yakwa-Israyeli bobabili; wenza kahle e-Efrati, waduma eBetlehema.
Amahubo 132 : 6
6 Bheka, sikuzwile e-Efrati, sikufumene endle;
UMika 5 : 2
2 Kepha wena, Betlehema Efrata, noma umncane phakathi kwezinkulungwane zakwaJuda, uyakuphuma kuwe eze kimi, oyakuba ngumbusi kwa-Israyeli; okuphuma kwawo kwakusukela endulo, kwaphakade.
1 IziKronike 2 : 19
19 Wafa u-Asuba, uKalebi wazithathela u-Efrati, wamzalela uHure.
1 IziKronike 2 : 50
50 Lawa angamadodana kaKalebi, indodana kaHure, izibulo lika-Efrati; uShobali uyise kaKiriyati Jeharimi,
1 IziKronike 4 : 4
4 NoPenuweli, uyise kaGedori, no-Ezeri, uyise kaHusa. Lawa angamadodana kaHure, izibulo lika-Efratha, uyise kaBetlehema.
Leave a Reply