Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo epha izipho
2 kwabaseKorinte 9 : 7
7 Yilowo nalowo makenze njengokunquma kwakhe enhliziyweni yakhe; kungabi ngokudabuka, noma ngokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda umuphi onamileyo.
EkaJokobe 1 : 17
17 Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.
KumaHeberu 13 : 16
16 Kepha ningakhohlwa ukwenza okuhle nokuphana, ngokuba iminikelo enjalo uNkulunkulu uthokoziswa yiyo.
IzEnzo 20 : 35
35 Kukho konke nginibonisile, ukuthi ngokushikashikeka kanje kufanele nisize ababuthakathaka, nikhumbule amazwi eNkosi uJesu, ukuthi yathi: ‘Kubusisekile ukupha kunokwamukela.’
Mathewu 6 : 1 – 4
1 Xwayani ukuba ukulunga kwenu ningakwenzi phambi kwabantu ukuba nibonwe yibo; uma kungenjalo, aninamvuzo kuYihlo osezulwini.
2 Ngakho-ke nxa wabela izipho, ungakhalisi icilongo phambi kwakho, njengokuba kwenza abazenzisi emasinagogeni nasezitaladini, ukuze badunyiswe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewutholile umvuzo wabo.
3 Kepha wena nxa wabela isipho, isandla sakho sokhohlo masingakwazi esikwenzayo esokunene;
4 ukuze isipho sakho sibe sekusithekeni, noYihlo obona ekusithekeni uyakukuvuza.
Mathewu 6 : 3
3 Kepha wena nxa wabela isipho, isandla sakho sokhohlo masingakwazi esikwenzayo esokunene;
1 kaJohane 3 : 17
17 Kepha onezinto zaleli zwe, bese ebona umzalwane wakhe eswele, amvalele ububele bakhe kuye, uthando lukaNkulunkulu luhlala kanjani kuye na?
IzEnzo 4 : 32 – 35
32 Kepha isixuku sabakholwayo sasinhliziyonye nomphefumulo munye; kodwa bahlanganyela zonke izinto.
33 Abaphostoli bafakaza ngamandla amakhulu ngokuvuka kweNkosi uJesu; umusa omkhulu wawuphezu kwabo bonke.
34 Kwakungekho phakathi kwabo owayeswela, ngokuba bonke ababenezindawo noma izindlu bathengisa, baletha amanani okuthengisiweyo.
35 Bakubeka phansi ezinyaweni zabaphostoli, kwasekwabelwa yilowo nalowo njengokuswela kwakhe.
Mathewu 5 : 42
42 Muphe ocela kuwe, ungamfulatheli ofuna ukuboleka kuwe.
Johane 3 : 16
16 Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.
2 kwabaseKorinte 8 : 12
12 Ngokuba uma kuqala kukhona ukuvuma, kwamukeleka ngokwalokho umuntu anakho, kungenjengalokho angenakho.
UMalaki 3 : 10
10 Lethani konke okweshumi endlini yengcebo, ukuze kube khona ukudla endlini yami, ningivivinye ngalokhu, usho uJehova Sebawoti, uma ngingayikunivulela amafasitele asezulwini, ngininike isibusiso, ningathululi. Ngaphandle, ukuthi ngeke kube khona indawo eyanele yokuyithola.
KwabaseRoma 12 : 8
8 noma owalayo, ekuyaleni; obusa ngenkuthalo; ohawukelayo, makehle ngokwenama.
Izaga zikaSolomoni 25 : 14
14 Ozincoma ngesipho samanga unjengamafu nomoya okungenamvula.
Mathewu 25 : 35
35 Ngokuba ngangilambile, nanginika ukudla; ngangomile, nangiphuzisa;
Luka 3 : 11
11 Waphendula, wathi kubo: “Onezingubo ezimbili akabele ongenalutho; nalowo odlayo makenze ngokunjalo.
Kwabase-Efesu 4 : 28
28 Owebayo makangabe eseba, kodwa kunalokho makakhuthale, asebenze okuhle ngezandla zakhe, ukuze abe nokokwabela osweleyo.
EkaJokobe 1 : 27
27 Inkolo ehlanzekileyo nengangcolile phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo nokuzigcina engenabala kulomhlaba.
Leave a Reply