Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo enqoba
KwabaseRoma 8 : 37
37 Qha, kukho konke lokhu singabanqobi ngaye owasithandayo.
IsAmbulo 3 : 21
21 Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengalokho nami nganqoba, ngahlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.
1 kaPetru 5 : 8
8 Zithibeni, niqaphe; ngokuba isitha senu uSathane, njengengonyama ebhongayo, siyahamba sifuna engamshwabadela;
IsAmbulo 5 : 5
5 Omunye wamalunga wathi kimi: “Ungakhali; bheka, inqobile iNgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide, ukuvula incwadi nokuthukulula izimpawu zayo eziyisikhombisa.
2 kuThimothewu 3 : 17
17 ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.
Mathewu 28 : 18 – 20
18 UJesu wasondela wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni.
19 Ngakho hambani nifundise izizwe zonke, nibabhapathize egameni likaYise, neleNdodana, nelikaMoya oNgcwele;
20 nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe. Amen.
Leave a Reply