Lithini iBhayibheli enoki – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana enoki

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo enoki

KumaHeberu 11 : 5
5 Ngokukholwa u-Enoke wasuswa, ukuze angaboni ukufa; akafunyanwanga, ngokuba uNkulunkulu wayemthathile;

EkaJuda 1 : 14
14 Naye u-Enoke, owesikhombisa kusukela ku-Adamu, waprofetha ngalaba, wathi: “Bheka, iNkosi iyeza nezinkulungwane eziyishumi zabangcwele bayo.

KumaHeberu 11 : 1 – 40
1 Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kungukuqiniseka ngezinto ezingabonwayo.
2 Ngoba abadala bafakazelwa ngakho.
3 Ngokukholwa siyaqonda ukuthi izwe ladatshulwa ngezwi likaNkulunkulu, ukuze okubonwayo kakuvelanga kokubonwayo.
4 Ngokukholwa u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomhlatshelo omuhle kunokaKayini, afumana ngakho ubufakazi bokuthi ulungile, uNkulunkulu efakaza ngezipho zakhe;
5 Ngokukholwa u-Enoke wasuswa, ukuze angaboni ukufa; akafunyanwanga, ngokuba uNkulunkulu wayemthathile;
6 Kepha ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa, ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.
7 Ngokukholwa uNowa, exwayisiwe nguNkulunkulu ngezinto ebezingakabonwa, ngokwesaba wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe; ngalo walahla umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okungokukholwa.
8 Ngokukholwa u-Abrahama walalela ebizwa ukuba aphume, aye endaweni abezakuyamukeliswa ibe yifa; waphuma engazi lapho eya khona.
9 Ngokholo wagogobala elizweni lesithembiso njengowezizwe, ehlala emathenteni kanye loIsaka loJakobe, ababeyizindlalifa kanye laye zalesosithembiso;
10 Ngokuba wayebheke umuzi onezisekelo, omakhi nomenzi wawo nguNkulunkulu.
11 Ngokukholwa naye uSara uqobo wathola amandla okukhulelwa, esedlulelwe yisikhathi, wabeletha, ngokuba wathi ukholekile owethembisileyo.
12 Ngakho-ke kwazalwa ngoyedwa, yena engofileyo, abangangezinkanyezi zezulu ngobuningi, nangangesihlabathi esisogwini lolwandle esingenakubalwa.
13 Bonke laba bafela ekukholweni, bengazamukelanga izithembiso, kodwa bazibona zikude, bakholiswa ngazo, bavuma ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni.
14 Ngokuba abasho izinto ezinjalo babonakalisa ukuthi bafuna izwe.
15 Futhi ngempela, uma babekhumbula izwe ababephuma kulo, babeyoba nethuba lokubuyela emuva.
16 Kepha manje bafuna izwe elingcono, okungukuthi elasezulwini; ngalokho uNkulunkulu akanamahloni ukubizwa ngokuthi unguNkulunkulu wabo, ngokuba ubalungisele umuzi.
17 Ngokukholwa u-Abrahama evivinywa wanikela ngo-Isaka, yena owayamukele izithembiso wanikela ngendodana yakhe ezelwe yodwa.
18 Okwathiwa ngaye: NgoIsaka inzalo yakho iyakubizwa;
19 Ethi uNkulunkulu unamandla okumvusa nakwabafileyo; lapho laye wamamukela khona ngomfanekiso.
20 Ngokukholwa u-Isaka wabusisa oJakobe no-Esawu ngezinto ezizayo.
21 Ngokukholwa uJakobe esezakufa wabusisa amadodana kaJosefa omabili; wakhuleka encika esihlokweni sodondolo lwakhe.
22 Ngokholo uJosefa esefile wakhuluma ngokuphuma kwabantwana bakoIsrayeli; walaya ngamathambo akhe.
23 Ngokukholwa uMose esezelwe wafihlwa ngabazali bakhe izinyanga ezintathu, ngokuba bambona engumntwana omuhle; futhi abawesabanga umyalo wenkosi.
24 Ngokukholwa uMose esekhulile wala ukubizwa ngokuthi indodana yendodakazi kaFaro;
25 wakhetha ukuphathwa kabi kanye nabantu bakaNkulunkulu kunokuba athokoze isikhashana esonweni;
26 wathi ukuthukwa kukaKristu kuyingcebo enkulu kunengcebo yaseGibithe, ngokuba wayebheke umvuzo.
27 Ngokukholwa washiya iGibithe, engesabi ulaka lwenkosi, ngokuba waqinisela sengathi uyambona ongabonwayo.
28 Ngokukholwa wenza iPhasika nokufafazwa kwegazi, ukuze obhubhisa amazibulo angawathinti.
29 Ngokukholwa badabula uLwandle Olubomvu kungathi kusemhlabathini owomileyo;
30 Ngokukholwa izingange zaseJeriko zawa, sezizungeziwe izinsuku eziyisikhombisa.
31 Ngokukholwa uRahabi isifebe akabhubhanga kanye nabangakholwanga, esamukele izinhloli ngokuthula.
32 Ngisezakuthini futhi? ngoba isikhathi singaphela ngilandisa ngoGidiyoni, loBharaki, loSamsoni, loJefitha; ekaDavide, noSamuweli, neyabaprofethi;
33 abathi ngokholo banqoba imibuso, benza ukulunga, bazuza izithembiso, bavala imilomo yezingonyama;
34 bacima amandla omlilo, baphunyuka obukhali benkemba, baqiniswa ebuthakathakeni, baba ngamaqhawe ekulweni, baxosha amabutho abezizwe.
35 Abesifazane bemukela abafileyo babo bevusiwe; abanye bahlushwa, kabavuma ukukhululwa; ukuze bathole ukuvuka okungcono kakhulu;
36 Abanye balingwa ngokuhlekwa ngonya nangokubhaxabulwa, yebo, nangezibopho nokuboshwa;
37 bakhandwa ngamatshe, banqunyulwa phakathi, balingwa, babulawa ngenkemba, bazulazula bembethe izikhumba zezimvu nezikhumba zezimbuzi; beswele, behlupheka, behlutshwa;
38 (umhlaba wawungabafanele) bazulazula ezingwadule, nasezintabeni, nasemihumeni, nasemihumeni yomhlaba.
39 Labo bonke laba, befakazelwe ngokholo, kabazemukelanga isithembiso;
40 UNkulunkulu esesimisele okuthile okungcono kakhulu, ukuze bona bangapheleliswa ngaphandle kwethu.

UGenesise 5 : 22
22 Emva kokuzalwa kukaMethusela u-Enoke wahamba noNkulunkulu iminyaka engamakhulu amathathu, wazala amadodana namadodakazi.

KumaHeberu 11 : 1 – 12
1 Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kungukuqiniseka ngezinto ezingabonwayo.
2 Ngoba abadala bafakazelwa ngakho.
3 Ngokukholwa siyaqonda ukuthi izwe ladatshulwa ngezwi likaNkulunkulu, ukuze okubonwayo kakuvelanga kokubonwayo.
4 Ngokukholwa u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomhlatshelo omuhle kunokaKayini, afumana ngakho ubufakazi bokuthi ulungile, uNkulunkulu efakaza ngezipho zakhe;
5 Ngokukholwa u-Enoke wasuswa, ukuze angaboni ukufa; akafunyanwanga, ngokuba uNkulunkulu wayemthathile;
6 Kepha ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa, ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.
7 Ngokukholwa uNowa, exwayisiwe nguNkulunkulu ngezinto ebezingakabonwa, ngokwesaba wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe; ngalo walahla umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okungokukholwa.
8 Ngokukholwa u-Abrahama walalela ebizwa ukuba aphume, aye endaweni abezakuyamukeliswa ibe yifa; waphuma engazi lapho eya khona.
9 Ngokholo wagogobala elizweni lesithembiso njengowezizwe, ehlala emathenteni kanye loIsaka loJakobe, ababeyizindlalifa kanye laye zalesosithembiso;
10 Ngokuba wayebheke umuzi onezisekelo, omakhi nomenzi wawo nguNkulunkulu.
11 Ngokukholwa naye uSara uqobo wathola amandla okukhulelwa, esedlulelwe yisikhathi, wabeletha, ngokuba wathi ukholekile owethembisileyo.
12 Ngakho-ke kwazalwa ngoyedwa, yena engofileyo, abangangezinkanyezi zezulu ngobuningi, nangangesihlabathi esisogwini lolwandle esingenakubalwa.

UGenesise 4 : 17
17 UKayini wamazi umkakhe; wakhulelwa, wazala u-Enoke; wakha umuzi, wawuqamba ngegama lendodana yakhe u-Enoke.

Johane 11 : 26
26 Nalowo ophilayo ekholwa yimi kasoze afa naphakade. Uyakukholwa lokhu na?

KumaHeberu 8 : 1 – 5
1 Nansi-ke ingqikithi yalokhu esesikushilo: Sinompristi omkhulu onjalo ohlezi ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi soMkhulu emazulwini;
2 Isikhonzi sendlu engcwele, nesetabernakele eliqinisileyo elamiswa yiNkosi, kungengamuntu.
3 Ngoba wonke umphristi omkhulu umiselwa ukuthi anikele izipho lemihlatshelo;
4 Ngoba uba ebesemhlabeni, ubengayikuba ngumphristi, lokhu bakhona abapristi abanikela izipho ngokomlayo;
5 abakhonza isibonelo nethunzi lezinto zasezulwini, njengalokho uMose eyalwa nguNkulunkulu esezakwenza itabernakele, ngokuba wathi: “Bheka ukuba wenze zonke izinto ngokomfanekiso owaboniswa wona entabeni.

2 Amakhosi 2 : 12 – 15
12 UElisha esekubona wamemeza wathi: Baba, baba, nqola kaIsrayeli labagadi bakhe bamabhiza! Akabange esambona, wathatha ezakhe izingubo, waziklebhula kabili.
13 Wacosha ingubo ka-Eliya eyayiwile kuye, wabuya, wema ngasogwini lweJordani;
14 Wathatha ingubo ka-Eliya eyayiwile kuye, washaya amanzi, wathi: “Uphi uJehova uNkulunkulu ka-Eliya na?” nalapho eshaya amanzi, ahlukana, u-Elisha wawela.
15 Kwathi amadodana abaprofethi ababezakumbona eJeriko embona athi: Umoya kaElija uhlezi phezu kukaElisha. Bamhlangabeza, bakhothama emhlabathini phambi kwakhe.

Johane 8 : 51
51 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma umuntu egcina izwi lami, kasoze akubona ukufa naphakade.

UGenesise 5 : 18 – 24
18 UJarede wahamba iminyaka eyikhulu namashumi ayisithupha nambili, wazala u-Enoke.
19 Emva kokuzalwa kuka-Enoke uJarede wahamba iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili, wazala amadodana namadodakazi.
20 Iyonke imihla kaYerede yaba yiminyaka emakhulu asithoba anamanci mathandathu anamibini, wafa.
21 U-Enoke wahamba iminyaka engamashumi ayisithupha nanhlanu, wazala uMethusela.
22 Emva kokuzalwa kukaMethusela u-Enoke wahamba noNkulunkulu iminyaka engamakhulu amathathu, wazala amadodana namadodakazi.
23 Iyonke imihla ka-Enoke yaba yiminyaka emakhulu mathathu, anamanci mathandathu anamihlanu;
24 U-Enoke wahamba noNkulunkulu, wayengasekho; ngoba uNkulunkulu umthathile.

1 kwabaseThesalonika 4 : 16 – 17
16 Ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngokumemeza, ngezwi lengelosi enkulu, nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala;
17 Khona thina esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo siyakuba neNkosi njalo.

EkaJuda 1 : 14 – 16
14 Naye u-Enoke, owesikhombisa kusukela ku-Adamu, waprofetha ngalaba, wathi: “Bheka, iNkosi iyeza nezinkulungwane eziyishumi zabangcwele bayo.
15 Ukuba ahlulele bonke, asole bonke abangamesabi uNkulunkulu phakathi kwabo ngazo zonke izenzo zabo zokungamesabi uNkulunkulu abazenzile, nangawo wonke amazwi abo alukhuni izoni ezingamesabi uNkulunkulu eziwakhulume ngaye.
16 Laba ngabakhonondi nabasolayo, behamba ngezabo izinkanuko; nomlomo wabo ukhuluma izikhukhula, betusa ubuso babantu ngenxa yenzuzo.

U-Amose 3 : 3
3 Ababili bangahamba ndawonye bengavumelananga yini?

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *