Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo ekhuleka phambi kwabantu
Mathewu 6 : 1 – 34
1 Xwayani ukuba ukulunga kwenu ningakwenzi phambi kwabantu ukuba nibonwe yibo; uma kungenjalo, aninamvuzo kuYihlo osezulwini.
2 Ngakho-ke nxa wabela izipho, ungakhalisi icilongo phambi kwakho, njengokuba kwenza abazenzisi emasinagogeni nasezitaladini, ukuze badunyiswe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewutholile umvuzo wabo.
3 Kepha wena nxa wabela isipho, isandla sakho sokhohlo masingakwazi esikwenzayo esokunene;
4 ukuze isipho sakho sibe sekusithekeni, noYihlo obona ekusithekeni uyakukuvuza.
5 Nalapho nikhuleka, ningabi njengabazenzisi, ngokuba bathanda ukukhuleka bemi emasinagogeni nasemakhoneni ezindlela ukuba babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewutholile umvuzo wabo.
6 Kepha wena, nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho, ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; futhi uYihlo obona ekusithekeni uzokubuyisela obala.
7 Kepha nxa nikhuleka, ningaphindaphindi njengabezizwe, ngokuba bathi bayakuzwiwa ngokukhuluma kwabo okuningi.
8 Ngakho maningafani nabo, ngokuba uYihlo uyakwazi enikusweleyo ningakaceli kuye.
9 Ngakho anokhuleka kanje: Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho.
10 Umbuso wakho mawufike. Mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.
11 Usiphe lamuhla isinkwa sethu sensuku zonke;
12 Usithethelele amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanamacala kithi.
13 Ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi, ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.
14 Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo osezulwini uyakunithethelela nani;
15 Kepha uma ningathetheleli abantu iziphambeko zabo, noYihlo akayikunithethelela iziphambeko zenu.
16 Futhi nxa nizila ukudla, ningabi njengabazenzisi, ubuso obudangeleyo, ngokuba banyakamisa ubuso babo, ukuze babonakale kubantu ukuthi bazilile. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewutholile umvuzo wabo.
17 Kepha wena, nxa uzila, gcoba ikhanda lakho, ugeze ubuso bakho;
18 ukuze ungabonakali kubantu ukuthi uzilile, kodwa kuYihlo osekusithekeni;
19 Ningazibekeleli ingcebo emhlabeni, lapho inundu nokugqwala konakalisa khona, nalapho amasela efohla khona, ebe;
20 Kodwa zibekeleni ingcebo ezulwini, lapho inundu lokuthomba kungoni, lalapho amasela angafohli khona, ebe;
21 Ngokuba lapho kukhona ingcebo yenu, nenhliziyo yenu iyakuba-khona.
22 Isibani somzimba yiso; ngakho uma iso lakho lilihle, umzimba wakho wonke uyakuba nokukhanya.
23 Kepha uma iso lakho lilibi, umzimba wakho wonke uyakuba mnyama. Ngakho uma ukukhanya okukuwe kungubumnyama, bukhulu kangakanani lobo bumnyama!
24 Akakho ongakhonza amakhosi amabili, ngokuba uyakuzonda enye, athande enye; noma ibambelele kwenye, idelele enye. Anikwazi ukukhonza uNkulunkulu noMamona.
25 Ngalokho ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu, ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani; nomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila kakukhulu yini kunokudla, nomzimba kunesambatho?
26 Bhekani izinyoni zezulu, ngokuba azihlwanyeli, azivuni, azibutheli eziphaleni; nokho uYihlo osezulwini uyazondla. Anizincono kakhulu na?
27 Ngumuphi kini ongathi ngokukhathazeka anezele ingalo eyodwa ebukhulwini bakhe na?
28 Nizikhathazelani ngesambatho na? Cabangani ngeminduze yasendle, ukuthi imila kanjani; azikhandleki, aziphothi;
29 Kepha ngithi kini: NoSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo.
30 Ngakho-ke, uma uNkulunkulu embesa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, futhi kusasa buphonswe eziko, akayikunembathisa kakhulu nina eninokukholwa okuncane na?
31 Ngakho ningakhathazeki nithi: Siyakudlani na? noma: Siyakuphuzani na? noma: Siyakwembatha ngani na?
32 Ngokuba konke lokho abezizwe bayakufuna; ngokuba uYihlo osezulwini uyazi ukuthi niyakudinga lokho konke.
33 Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu lokulunga kwakhe; futhi zonke lezi zinto ziyakwenezelwa nina.
34 Ngakho-ke ningakhathazeki ngengomuso, ngokuba ikusasa liyazihlupha ngokwalo. Banele usuku ububi balo.
Mathewu 6 : 6
6 Kepha wena, nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho, ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; futhi uYihlo obona ekusithekeni uzokubuyisela obala.
Mathewu 6 : 5
5 Nalapho nikhuleka, ningabi njengabazenzisi, ngokuba bathanda ukukhuleka bemi emasinagogeni nasemakhoneni ezindlela ukuba babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewutholile umvuzo wabo.
Mathewu 6 : 7
7 Kepha nxa nikhuleka, ningaphindaphindi njengabezizwe, ngokuba bathi bayakuzwiwa ngokukhuluma kwabo okuningi.
Luka 18 : 10 – 14
10 Amadoda amabili enyukela ethempelini ukuyokhuleka; omunye engumFarisi, omunye engumthelisi.
11 UmFarisi wema wazikhulekela ngokuthi: “Nkulunkulu, ngiyakubonga ngokuba ngingenjengabanye abantu, abaphangi, abangalungile, iziphingi, nanjengalo mthelisi.
12 Ngizila ukudla kabili ngeviki, nginikela okweshumi kwakho konke enginakho.
13 Kodwa umthelisi emi khatshana wayengathandi lokuphakamisela amehlo akhe ezulwini, kodwa watshaya isifuba sakhe, esithi: Nkulunkulu, ngihawukele mina soni.
14 Ngithi kini: Lo wehlela endlini yakhe elungisisiwe kulomunye; lalowo ozithobayo uzaphakanyiswa.
Johane 17 : 1 – 26
1 UJesu wakhuluma lokho, wayesephakamisela amehlo akhe ezulwini, wathi: “Baba, isikhathi sesifikile; khazimulisa iNdodana yakho, ukuze iNdodana yakho ikukhazimulise wena;
2 njengalokhu uyiphile amandla phezu kwenyama yonke, ukuze bonke omnike yona, ibaphe ukuphila okuphakade.
3 Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena Nkulunkulu wedwa weqiniso, noJesu Kristu omthumileyo.
4 Ngikukhazimulisile emhlabeni, ngiwuqedile umsebenzi onginike wona ukuba ngiwenze.
5 Manje-ke, Baba, ngikhazimulise kuwe ngokwakho ngenkazimulo enganginayo ngikuwe izwe lingakabikho.
6 Ngilibonakalisile igama lakho kubantu onginike bona kwabasezweni; babengabakho, wangipha bona; baligcinile izwi lakho.
7 Khathesi sebesazi ukuthi zonke izinto onginike zona zivela kuwe.
8 Ngokuba amazwi onginike wona ngibanikile bona; futhi bawamukele, futhi bazi isibili ukuthi ngaphuma kuwe, futhi bakholwa ukuthi wena ungithumile.
9 Ngiyabakhulekela bona; angikhulekeli izwe, kodwa labo onginike bona; ngoba bangabakho.
10 Futhi konke okwami kungokwakho, nokwakho kungokwami; futhi ngiyakhazinyuliswa kubo.
11 Kalokhu angisekho ezweni, kepha bona basezweni, mina ngiza kuwe. Baba oNgcwele, bagcine egameni lakho labo onginike bona, ukuze babe munye, njengathi.
12 Ngisenabo ezweni ngabagcina egameni lakho labo onginike bona, ngibagcinile; ukuze kugcwaliseke umbhalo.
13 Manje ngiza kuwe; lezi zinto ngizikhuluma ezweni, ukuze babe nokuthokoza kwami kugcwaliseke kubo.
14 Mina ngibanikile izwi lakho; nezwe labazonda, ngokuba bengesibo abezwe, njengalokhu nami ngingesiye owezwe.
15 Kangiceli ukuthi ubasuse emhlabeni, kodwa ukuthi ubavikele komubi.
16 Abasibo abezwe, njengalokhu nami ngingesiye owezwe.
17 Bangcwelise ngeqiniso; izwi lakho liyiqiniso.
18 Njengoba wangithuma emhlabeni, lami ngibathumile emhlabeni.
19 Nangenxa yabo ngiyazingcwelisa, ukuze nabo bangcweliswe ngeqiniso.
20 Angiceleli laba bodwa, kodwa nalabo abayakukholwa yimi ngezwi labo;
21 ukuze bonke babe munye; njengalokhu wena, Baba, ukimi, nami ngikuwe, ukuze nabo babe munye kithi, ukuze izwe likholwe ukuthi wena ungithumile.
22 Nenkazimulo onginike yona ngibanikile bona; ukuze babe munye, njengalokhu thina simunye;
23 Mina ngikubo, lawe ukimi, ukuze bapheleliswe ebunyeni; ukuze izwe lazi ukuthi wena ungithumile, nokuthi ubathandile, njengalokho ungithandile mina.
24 Baba, ngithanda ukuba labo onginike bona nabo babe nami lapho ngikhona; ukuze babone inkazimulo yami onginike yona, ngokuba wangithanda kungakasekelwa umhlaba.
25 Baba olungileyo, izwe alikwazanga, kepha mina ngikwazile, nalaba bazi ukuthi wena ungithumile.
26 Ngibazisile igama lakho, futhi ngizakulazisa ukuba uthando ongithande ngalo lube kubo, nami ngibe kubo.
1 kwabaseThesalonika 5 : 17
17 Khulekani ningaphezi.
Leave a Reply