Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo ekhuleka ngomoya
KwabaseRoma 8 : 26
26 Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu, ngokuba asikwazi esingakucela ngokufanele, kepha uMoya uqobo usikhulekela ngokububula okungenakuphinyiselwa.
Kwabase-Efesu 6 : 18
18 ngokukhuleka konke nokunxusa nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya, nikulinde ngokubekezela okukhulu nokunxusela abangcwele bonke;
KwabaseRoma 8 : 26 – 27
26 Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu, ngokuba asikwazi esingakucela ngokufanele, kepha uMoya uqobo usikhulekela ngokububula okungenakuphinyiselwa.
27 Kepha yena ohlola izinhliziyo uyakwazi okuqondwa nguMoya, ngokuba ukhulumela abangcwele ngokwentando kaNkulunkulu.
EkaJuda 1 : 20
20 Kepha nina bathandekayo, zakheni ekukholweni kwenu okungcwelengcwele, nikhuleke ngoMoya oNgcwele;
1 kwabaseKorinte 14 : 14
14 Ngokuba uma ngikhuleka ngezilimi, kukhuleka umoya wami, kepha ingqondo yami ayinasithelo.
1 kwabaseKorinte 14 : 15
15 Kuyini pho? ngiyakukhuleka ngomoya, ngikhuleke nangengqondo futhi, ngihube ngomoya, ngihube nangengqondo futhi.
KwabaseRoma 8 : 27
27 Kepha yena ohlola izinhliziyo uyakwazi okuqondwa nguMoya, ngokuba ukhulumela abangcwele ngokwentando kaNkulunkulu.
EkaJokobe 4 : 3
3 Niyacela, kepha anikwamukeli, ngokuba nicela kabi, ukuze nikusebenzise ezinkanukweni zenu.
1 kwabaseKorinte 14 : 19
19 Kodwa ebandleni kungcono ngikhulume amazwi amahlanu ngengqondo yami, ukuze ngifundise labanye, kulokukhuluma amazwi azinkulungwane ezilitshumi ngendimi.
Mathewu 6 : 7
7 Kepha nxa nikhuleka, ningaphindaphindi njengabezizwe, ngokuba bathi bayakuzwiwa ngokukhuluma kwabo okuningi.
1 kwabaseKorinte 14 : 4
4 Okhuluma ngezilimi uyazakha yena; kodwa oprofethayo wakha ibandla.
KwabaseFilipi 4 : 6
6 Ningakhathazeki ngalutho; kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga.
Kwabase-Efesu 2 : 18
18 Ngokuba ngaye sinokungena sobabili ngaMoya munye kuBaba.
1 kwabaseKorinte 14 : 2
2 Ngokuba okhuluma ngezilimi akakhulumi kubantu, kodwa kuNkulunkulu; kodwa ngomoya ukhuluma izimfihlakalo.
Johane 15 : 7
7 Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, niyakukwenzelwa.
1 kaJohane 1 : 9
9 Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile, ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.
Johane 14 : 1 – 31
1 Izinhliziyo zenu mazingakhathazeki; kholwani nguNkulunkulu, nikholwe nayimi.
2 Emzini kaBaba kukhona izindawo zokuhlala eziningi; uma bekungenjalo, bengiyakunitshela. Ngiya ukunilungisela indawo.
3 Futhi uma ngiya nginilungisela indawo, ngobuye ngize, nginemukele kimi; ukuze lapho ngikhona, libe khona lani.
4 Lalapho engiya khona liyakwazi, lendlela liyayazi.
5 UTomasi wathi kuye: Nkosi, asazi lapho oya khona; futhi singayazi kanjani indlela?
6 UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.
7 Uma beningazile mina, beniyakumazi noBaba; kusukela manje niyamazi, nimbonile.
8 UFiliphu wathi kuye: Nkosi, sikhombise uYihlo, kusanele.
9 UJesu wathi kuye: “Isikhathi esingaka nginani, awukangazi, Filiphu na? ongibonile mina umbonile uBaba; usho kanjani-ke ukuthi: Sibonise uYihlo na?
10 Kawukholwa yini ukuthi mina ngikuBaba, loBaba ukimi? amazwi engiwakhuluma kini angiwakhulumi ngokwami, kepha uBaba ohlezi kimi, nguyena owenza imisebenzi.
11 Kholwani yimi ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi; uma kungenjalo, kholwani yimi ngenxa yayo yona imisebenzi.
12 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo mina naye uyakuyenza; nemikhulu kunale uyakuyenza; ngoba mina ngiya kuBaba.
13 Noma yini eniyakukucela egameni lami ngiyakukwenza ukuba uBaba akhazimuliswe eNdodaneni.
14 Uma nicela utho egameni lami, ngolwenza.
15 Uma ningithanda, gcinani imiyalo yami.
16 Ngiyakucela kuBaba, aninike omunye uMduduzi, ukuze ahlale kini phakade;
17 UMoya weqiniso; izwe elingemamukele, ngokuba lingamboni, lingamazi, kepha nina niyamazi; ngokuba uhlala nani, futhi ukini.
18 Angiyikunishiya niyizintandane; ngiyakuza kini.
19 Kuseyisikhashana izwe lingabe lisangibona; kodwa nina niyangibona, ngokuba ngiphila mina, nani nizakuphila.
20 Ngalolo suku niyakukwazi nina ukuthi ngikuBaba, nani nikimi, nami ngikini.
21 Onemiyalo yami, ayigcine, nguyena ongithandayo; ongithandayo uyakuthandwa nguBaba, nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.
22 UJudasi ongesiye u-Iskariyothe wathi kuye: “Nkosi, kuza kanjani ukuba uzibonakalise kithi, ungazibonakalisi ezweni na?
23 UJesu waphendula wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina amazwi ami, noBaba uyakumthanda;
24 Ongangithandiyo akagcini amazwi ami; nezwi enilizwayo akusilo elami, kodwa ngelikaBaba ongithumileyo.
25 Lezizinto ngizikhulume kini ngisenani.
26 Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami uyakunifundisa zonke izinto, anikhumbuze konke enginitshele khona.
27 Ukuthula ngikushiya kini, ukuthula kwami ngininika khona; angininiki njengokupha kwezwe. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi;
28 Nizwile ukuthi ngithe kini: Ngiyamuka, futhi ngibuye ngize kini. Uma beningithanda, beniyakujabula, ngokuba ngithé: Ngiya kuBaba, ngokuba uBaba mkhulu kunami.
29 Kalokhu nginitshelile kungakenzeki, ukuze, nxa sekwenzeka, nikholwe.
30 Angisasayikukhuluma okuningi nani, ngokuba uyeza umbusi walumhlaba, kepha akanalutho kimi.
31 Kodwa ukuze umhlaba wazi ukuthi ngiyamthanda uBaba; futhi njengoba uBaba engiyalile, kanjalo ngenza. Vukani, sisuke lapha.
KwabaseKolose 3 : 16
16 Izwi likaKristu malihlale kini ngokucebile kukho konke ukuhlakanipha; nifundisana, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nihubele ngomusa ezinhliziyweni zenu iNkosi.
Kwabase-Efesu 5 : 18
18 Futhi ningadakwa yiwayini, lapho kukhona ukuganga; kodwa gcwaliswani ngoMoya;
Johane 4 : 24
24 UNkulunkulu unguMoya; abakhuleka kuye bamelwe ukukhuleka ngomoya nangeqiniso.
Leave a Reply