Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo edinga uNkulunkulu
Izaga zikaSolomoni 3 : 5 – 6
5 Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho; futhi ungenciki kokwakho ukuqonda.
6 Mazi kuzo zonke izindlela zakho, futhi uyokwenza izindlela zakho ziqonde.
KwabaseFilipi 4 : 19
19 Kodwa uNkulunkulu wami uzakugcwalisa ukuswela konke kwenu njengokwengcebo yakhe enkazimulweni kuKristu Jesu.
1 kaPetru 5 : 7
7 Niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe; ngoba uyalikhathalela.
KumaHeberu 4 : 16
16 Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa, ukuze samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.
1 kaJohane 5 : 4
4 Ngokuba konke okuzelwe nguNkulunkulu kuyalinqoba izwe;
KumaHeberu 13 : 8
8 UJesu Kristu unguye izolo, nanamuhla, naphakade.
KwabaseFilipi 4 : 4 – 7
4 Jabulani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Jabulani.
5 Ukulinganisela kwenu makwaziwe yibo bonke abantu. INkosi iseduze.
6 Ningakhathazeki ngalutho; kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga.
7 Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.
KumaHeberu 13 : 6
6 Ukuze singasho ngesibindi sithi: INkosi ingumsizi wami, angesabi umuntu angangenzani.
Amahubo 55 : 22
22 Phonsa umthwalo wakho phezu kukaJehova, uzakukuphasa; Akasoze avumela olungileyo antengantenge.
Kwabase-Efesu 4 : 32
32 Kepha yibani nomusa omunye komunye, nihawukele, nithethelelane, njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngenxa kaKristu.
1 kaPetru 4 : 12
12 Bathandekayo, ningamangali ngokulingwa okuvuthayo enibhekene nakho, ngokungathi nehlelwa yisimangaliso;
Johane 5 : 39
39 Hlolani imibhalo; ngokuba nithi ninokuphila okuphakade kuyo; yiyona efakaza ngami.
Mathewu 9 : 6 – 8
6 Kepha ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inamandla emhlabeni okuthethelela izono,” wayesethi kofe uhlangothi: “Sukuma, uthabathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.
7 Wasesukuma, waya endlini yakhe.
8 Kodwa izixuku sezikubona zamangala, zamdumisa uNkulunkulu onikile abantu amandla angaka.
1 kaPetru 3 : 15
15 Kodwa ngcwelisani iNkosi uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu, njalo lilungele ukuphendula wonke umuntu olibuza ngesizatho sethemba elikini, ngobumnene langokwesaba;
Johane 6 : 67 – 71
67 Khona uJesu wathi kwabayishumi nambili: “Nani nithanda ukumuka na?
68 USimoni Petru wamphendula wathi: “Nkosi, siyakuya kubani na? amazwi okuphila okuphakade nguwe.
69 Siyakholwa, siyazi ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.
70 UJesu wabaphendula wathi: “Mina anginikhethanga nina abayishumi nambili na?
71 Wayekhuluma ngoJudasi Iskariyothe kaSimoni, ngoba nguye owayezamkhaphela, engomunye wabalitshumi lambili.
Kwabase-Efesu 2 : 8 – 9
8 Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu;
9 akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo.
Johane 6 : 50 – 71
50 Lesi yisinkwa esehla ezulwini, ukuba umuntu asidle, angafi.
51 Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehle ezulwini; uma umuntu edla lesi sinkwa, uyakuphila phakade;
52 Ngakho abaJuda baphikisana bodwa, besithi: Lo angasinika njani inyama yakhe ukuthi siyidle?
53 UJesu wayesethi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma ningayidli inyama yeNdodana yomuntu, niphuze igazi layo, aninakuphila kini.
54 Odla inyama yami, aphuze igazi lami, unokuphila okuphakade; futhi mina ngizamvusa ngosuku lokucina.
55 Ngokuba inyama yami ingukudla isibili, negazi lami liyisiphuzo isibili.
56 Odla inyama yami, anathe igazi lami, uhlala kimi, nami kuye.
57 Njengokuba uBaba ophilayo ungithumile, nami ngiphila ngoBaba, kanjalo ongidlayo, naye uyakuphila ngami.
58 Leso yisinkwa esehla ezulwini, kungenjengalokho oyihlo badla imana, bafa; odla lesi sinkwa uyakuphila phakade.
59 Lokho wakukhuluma esinagogeni efundisa eKapernawume.
60 Ngakho abaningi kubafundi bakhe bekuzwa bathi: “Lilukhuni leli zwi; ngubani ongakuzwa na?
61 UJesu ekwazi phakathi kwakhe ukuthi abafundi bakhe bayakhonona ngalokho, wathi kubo: “Lokhu kuyanicasula na?
62 Kuyini-ke nxa libona iNdodana yomuntu yenyukela lapho eyayikhona kuqala?
63 Ngumoya ophilisayo; inyama ayisizi lutho; amazwi engiwakhuluma kini angumoya, angukuphila.
64 Kodwa bakhona abanye kini abangakholwa. Ngokuba uJesu wayazi kwasekuqaleni ukuthi bangobani abangakholwa nokuthi ngubani oyakumkhaphela.
65 Wasesithi: Kungakho ngithe kini: Kakho ongeza kimi, ngaphandle kokuthi ukuphiwe nguBaba.
66 Kusukela ngaleso sikhathi abaningi babafundi bakhe babuyela emuva, ababe besahamba naye.
67 Khona uJesu wathi kwabayishumi nambili: “Nani nithanda ukumuka na?
68 USimoni Petru wamphendula wathi: “Nkosi, siyakuya kubani na? amazwi okuphila okuphakade nguwe.
69 Siyakholwa, siyazi ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.
70 UJesu wabaphendula wathi: “Mina anginikhethanga nina abayishumi nambili na?
71 Wayekhuluma ngoJudasi Iskariyothe kaSimoni, ngoba nguye owayezamkhaphela, engomunye wabalitshumi lambili.
2 kwabaseKorinte 12 : 9
9 Yathi kimi: “Umusa wami ukwanele, ngokuba amandla ami apheleliswa ebuthakathakeni. Ngakho-ke ngizathokoza ngokuthokoza okukhulu ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKristu ahlale phezu kwami.
KumaHeberu 10 : 36
36 Ngokuba nidinga ukubekezela, ukuze kuthi, seniyenzile intando kaNkulunkulu, namukele isithembiso.
KwabaseFilipi 4 : 11 – 13
11 Akusikho ukuthi ngikhuluma ngokuswela, ngokuba mina ngifundile ukwaneliseka kunoma yisiphi isimo engikuso.
12 Ngiyakwazi nokuba phansi, ngiyakwazi nokubusa; kukho konke nasezintweni zonke ngifundisiwe kokubili ukusutha nokulamba, nokubusa nokuswela.
13 Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo.
Leave a Reply