Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo ecindezela ebheke egoli
KwabaseFilipi 3 : 12 – 15
12 Kungabi njengokuba sengikutholile, noma sengiphelele, kodwa ngiphuthuma ukuba ngikubambe lokho nami engibanjelwe kona nguKristu Jesu.
13 Bazalwane, angisho ukuthi mina uqobo sengikubambile, kodwa kunye engikwenzayo, ngikhohlwa okungasemuva, ngizelulela kokungaphambili;
14 ngijonge emgomeni, emklomelweni wokubizwa okuphezulu kukaNkulunkulu kuKristu Jesu.
15 Ngakho-ke thina esiphelele masibe nomqondo ofanayo;
KwabaseRoma 12 : 2
2 Ningalingisi leli zwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibentsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu enhle, neyamukelekayo, nepheleleyo.
KwabaseGalathiya 5 : 25
25 Uma siphila ngoMoya, masihambe futhi ngoMoya.
EkaJuda 1 : 24
24 Kuye olamandla okulilinda ekukhubekeni, lokulimisa phambi kwenkazimulo yakhe lingelasici ngentokozo enkulu;
KwabaseKolose 4 : 2 – 6
2 Qhubekani nikhuleka, nilinde kukho ngokubonga;
3 nisikhulekele nathi, ukuba uNkulunkulu asivulele umnyango wenkulumo, ukuba sikhulume imfihlakalo kaKristu, engiboshiwe ngenxa yayo;
4 ukuze ngibonakalise, njengoba kufanele ngikhulume.
5 Hambani ngokuhlakanipha kwabangaphandle, nithengisise isikhathi.
6 Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyolisiwe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.
KwabaseFilipi 2 : 13
13 Ngokuba nguNkulunkulu osebenza kini nokuthanda nokwenza njengentando yakhe enhle.
1 kwabaseKorinte 1 : 18
18 Ngokuba intshumayelo yesiphambano kwababhubhayo iwubuwula; kodwa kithina esisindiswayo kungamandla kaNkulunkulu.
IsAmbulo 3 : 20
20 Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha; uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.
KwabaseGalathiya 2 : 20
20 Ngibethelwe kanye noKristu, nokho ngiyaphila; nokho akumina, kodwa uKristu uphila kimi, nokuphila engikuphila manje enyameni ngikuphila ngokukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.
KwabaseGalathiya 5 : 24
24 AbakaKristu babethele esiphambanweni inyama kanye nokuhuheka nezinkanuko.
Leave a Reply