Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo ecela emthandazweni
1 kaJohane 5 : 14
14 Yilokhu ukuqiniseka esinakho kuye, ukuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa;
Johane 14 : 13
13 Noma yini eniyakukucela egameni lami ngiyakukwenza ukuba uBaba akhazimuliswe eNdodaneni.
Johane 16 : 24
24 Kuze kube manje anikaceli lutho egameni lami; celani, nizakwamukeliswa, ukuze ukuthokoza kwenu kugcwale.
Mathewu 7 : 7
7 Celani, lizaphiwa; funani, niyakufumana; ngqongqothani, niyakuvulelwa;
1 kaJohane 1 : 9
9 Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile, ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.
Mathewu 21 : 22
22 Nakho konke eniyakukucela ngokukhuleka nikholwa, niyakwamukeliswa.
KwabaseRoma 10 : 17
17 Ngakho ukukholwa kuvela ngokuzwa, ukuzwa kuvela ngezwi likaNkulunkulu.
Leave a Reply