Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo ebizwe nguNkulunkulu
Mathewu 22 : 14
14 Ngokuba baningi ababiziweyo, kepha bayingcosana abakhethiweyo.
UJeremiya 33 : 3
3 Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikubonise izinto ezinkulu nezinamandla ongazaziyo.
Johane 6 : 44
44 Akakho ongeza kimi, uma uBaba ongithumileyo emdonsa, mina-ke ngiyakumvusa ngosuku lokugcina.
2 kuThimothewu 1 : 9
9 Owasisindisayo, wasibiza ngobizo olungcwele, kungeyisikho ngokwemisebenzi yethu, kodwa njengokwenhloso yakhe lomusa esiwuphiwa kuKristu Jesu ngaphambi kwezikhathi.
KwabaseFilipi 1 : 6
6 nginethemba lalokho ukuthi owaqala umsebenzi omuhle kinina uyakuwufeza kuze kube lusuku lukaJesu Kristu;
Amahubo 138 : 8
8 UJehova uyakugcwalisa okuqondene nami: umusa wakho, Jehova, umi phakade; ungayishiyi imisebenzi yezandla Zakho.
KumaHeberu 10 : 25
25 singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye; kodwa sikhuthazane, ikakhulu njengoba libona usuku lusondela.
Luka 12 : 32
32 Ningesabi, mhlambi omncane; ngoba kuyintokozo kuYihlo ukulinika umbuso.
KwabaseRoma 8 : 28 – 30
28 Njalo siyazi ukuthi konke kusebenzelana kube ngokuhle kwabamthandayo uNkulunkulu, ababiziweyo ngecebo lakhe.
29 Ngokuba labo ayebazi ngaphambili wabamisa ngaphambili bafane nomfanekiso weNdodana yakhe, ukuze yona ibe yizibulo phakathi kwabazalwane abaningi.
30 Phezu kwalokho abamisele ngaphambili, labo futhi ababizile;
Leave a Reply