Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Brier, Umfanekiso
U-Isaya 5 : 6
6 Futhi ngiyakuwuchitha: awuyikuthenwa, noma umbiwe; kodwa kuyakumila ikhakhasi nameva. Ngiyakuyala namafu ukuba anganisi phezu kwawo.
U-Isaya 55 : 13
13 Endaweni yameva kuyakumila umsayipuresi, endaweni yokhula kukhule umuthi wombomvana; kuyakuba yigama likaJehova, kube yisibonakaliso esiphakade esingayikunqunywa.
UHezekeli 2 : 6
6 Wena-ke, ndodana yomuntu, ungabesabi, ungawesabi amazwi abo, nakuba ukhula oluhlabayo nameva kukhona kuwe, uhlezi phakathi kwawofezela; ungawesabi amazwi abo, ungapheli amandla emehlweni abo, bayindlu edlubulundayo.
UHezekeli 28 : 24
24 Ngeke kusaba khona ikhakhasi elihlabayo noma iva elibuhlungu kuyo yonke indlu yakwa-Israyeli ababeyidelela; bazakwazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.
Leave a Reply