Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Booth
UJona 4 : 5
5 UJona wayesephuma emzini, wahlala ngasempumalanga komuzi, wazenzela idokodo, wahlala emthunzini phansi kwalo, waze wabona ukuthi kuzokwenzekani ngomuzi.
UGenesise 33 : 17
17 UJakobe wasuka waya eSukoti, wazakhela indlu, wenzela izinkomo zakhe amadokodo; ngalokho igama laleyo ndawo lathiwa iSukoti.
UJobe 27 : 18
18 Uyakha indlu yakhe njengenundu nanjengedokodo elenziwa umlindi.
U-Isaya 1 : 8
8 Indodakazi yaseSiyoni yashiywa njengendlwana esivinini, njengombhede ensimini yamakhukhamba, njengomuzi ovinjezelwe.
U-Isaya 24 : 20
20 Umhlaba uyantengantenga njengesidakwa, nanjengendlu encane uyanyakaza; futhi isiphambeko sakhe siyakuba nzima phezu kwakhe; futhi liyowa lingaphinde livuke.
ULevitikusi 23 : 43
43 ukuze izizukulwane zenu zazi ukuthi ngabahlalisa abantwana bakoIsrayeli emadumbeni ekubakhupheni kwami elizweni leGibhithe; nginguJehova uNkulunkulu wenu.
UNehemiya 8 : 16
16 Abantu baphuma bawaletha, bawenza amadokodo, kwaba yilowo nalowo ophahleni lwendlu yakhe nasemagcekeni abo nasemagcekeni endlu kaNkulunkulu, nasesigcawini seSango Lamanzi nasezitaladini zakwa-Efrayimi. Isango.
Leave a Reply