Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo besizana
1 kwabaseThesalonika 5 : 12 – 16
12 Siyanincenga, bazalwane, ukuba nibazi abakhandlekayo phakathi kwenu, nabaniphetheyo eNkosini, abaniyalayo;
13 nibazise kakhulu othandweni ngenxa yomsebenzi wabo. Futhi nihlalisane ngokuthula.
14 Siyanincenga, bazalwane, ukuba nibaxwayise abaxhwalayo, niduduze abadanileyo, nisekele ababuthakathaka, nibekezelele abantu bonke.
15 Qaphelani ukuthi kungabikho ophindisela omunye okubi ngokubi; kodwa landelani njalo okuhle phakathi kwenu lakubo bonke abantu.
16 Jabulani njalonjalo.
Izaga zikaSolomoni 11 : 13
13 Olahlwayo uyambula izimfihlakalo, kepha othembekile emoyeni uyayifihla indaba.
Leave a Reply