Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Beriya
UGenesise 46 : 17
17 Amadodana ka-Asheri: UJimna, noJisuwa, noIshivi, noBeriya, noSeraki, udadewabo; namadodana kaBeriya; uHebere noMalikiyeli.
UNumeri 26 : 45
45 Kumadodana kaBeriya: kwaHebhere: ngumndeni wakwaHebhere; kwaMalikiyeli: ngumndeni wakwaMalikiyeli.
1 IziKronike 7 : 30
30 Amadodana ka-Asheri: oImna, noJeshuwa, noJishuwa, noBeriya, noSeraki, udadewabo.
1 IziKronike 7 : 23
23 Esengenile kumkakhe, wakhulelwa, wazala indodana, wayiqamba igama lokuthi uBeriya, ngokuba izinto zazingahambi kahle endlini yakhe.
1 IziKronike 8 : 13
13 noBeriya noShema, izinhloko zezindlu zawoyise zabakhileyo e-Ajaloni, abaxosha abakhileyo eGati.
1 IziKronike 23 : 11
11 UJahati wayeyinhloko, noSisa owesibili, kepha oJehu noBeriya babengenamadodana amaningi; ngalokho babalwa ngokwendlu kayise.
Leave a Reply