Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo bazalwane
Izaga zikaSolomoni 17 : 17
17 Umngane uthanda ngezikhathi zonke, nomzalwane uzalelwa ukuhlupheka.
1 kaJohane 3 : 15
15 Lowo ozonda umzalwane wakhe ungumbulali, niyazi ukuthi akukho mbulali onokuphila okuphakade okuhlezi kuye.
Amahubo 133 : 1
1 Ihubo likaDavide. Bheka, kuhle, kumnandi kanjani ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.
1 kaPetru 1 : 22
22 Njengoba selihlambulule imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso ngoMoya kuze kube sothandweni olungazenzisi lwabazalwane, thandanani kakhulu ngenhliziyo emhlophe;
Izaga zikaSolomoni 18 : 24
24 Umuntu onabangane kumelwe abe nobungane; futhi kukhona umngane onamathela ngaphezu komfowenu.
Mathewu 18 : 35
35 Kanjalo noBaba osezulwini uyakwenza kini, uma ningathetheleli yilowo nalowo umfowabo iziphambeko zakhe ngezinhliziyo zenu.
KumaHeberu 2 : 11
11 Ngoba kokubili ongcwelisayo lalabo abangcweliswayo bonke bavela oyedwa;
1 kaJohane 4 : 20
20 Uma umuntu ethi: “Ngiyamthanda uNkulunkulu,” kepha ezonda umzalwane wakhe, ungumqambimanga;
Mathewu 18 : 15 – 20
15 Futhi uma umfowenu ona kuwe, hamba umsole ninodwa naye; uma ekuzwa, umzuzile umfowenu.
16 Kodwa uma engakulaleli, thatha kanye nawe oyedwa noma ababili, ukuze ngomlomo wawofakazi ababili noma abathathu wonke amazwi aqiniswe.
17 Uma engasezwa, tshela ibandla;
18 Ngiqinisile ngithi kini: Konke eniyakukubopha emhlabeni koba kuboshiwe ezulwini, nakho konke eniyakukukhulula emhlabeni koba kukhululiwe nasezulwini.
19 Futhi ngithi kini: Uma ababili kini emhlabeni bevumelana nganoma yini abangayicela, bayakuyenzelwa nguBaba osezulwini.
20 Ngokuba lapho kubuthene ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.
KumaHeberu 13 : 1
1 Maluqhubeke uthando lobuzalwane.
Mathewu 12 : 50
50 Ngokuba yilowo nalowo owenza intando kaBaba osezulwini nguye ongumfowethu, nodadewethu, nomame.
2 Samuweli 1 : 26
26 Ngikhathazekile ngawe, mfowethu Jonathani; wawumuhle kakhulu kimi; uthando lwakho kimi lwalumangalisa ngaphezu kothando lwabesifazane.
Mathewu 25 : 40
40 Inkosi iyakuphendula, ithi kubo: Ngiqinisile ngithi kini: Njengoba nikwenzile komunye walaba bafowethu abancane, nikwenzile nakimi.
Leave a Reply