Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Ar
UNumeri 21 : 15
15 nangasemfudlaneni wezifula ezehlela e-Ari, zisemngceleni wakwaMowabi.
UDuteronomi 2 : 9
9 UJehova wathi kimi: “Ningabakhathazi abakwaMowabi, ningalwi nabo empini, ngokuba angiyikuninika izwe labo libe yifa; ngoba iAri ngalinika abantwana bakaLothi njengelifa.
UDuteronomi 2 : 18
18 Namuhla niyakudabula i-Ari, ugu lwakwaMowabi;
UDuteronomi 2 : 24
24 Sukumani, nihambe, niwele umfula i-Arinoni; bhekani, ngiyakunikela uSihoni umAmori, inkosi yaseHeshiboni, nezwe lakhe esandleni senu; qala ukulidla futhi ulwe naye empini.
UDuteronomi 2 : 29
29 njengalokho benza kimi abantwana bakwa-Esawu abahlala eSeyiri nabakwaMowabi abahlala e-Ari, ngize ngiwele iJordani, ngingene ezweni uJehova uNkulunkulu wethu azosinika lona.
UNumeri 21 : 30
30 Sabadubula; IHeshiboni labhubha kwaze kwaba seDiboni, sabachitha kwaze kwaba seNofa eliya eMedeba.
U-Isaya 15 : 1
1 Isiprofetho ngoMowabi. Ngokuba ebusuku i-Ari lakwaMowabi liyachithwa, lithulisiwe; ngoba ebusuku iKiri lakwaMowabi liyachithwa, lithulisiwe;
Leave a Reply