Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo ama-tattoos nokubhoboza umzimba
ULevitikusi 19 : 28
28 Aniyikuzigcaba enyameni yenu ngenxa yabafileyo, ningazifaki amabala; nginguJehova.
1 kwabaseKorinte 6 : 19 – 20
19 Yini? Anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele okinina, enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo abenu na?
20 Ngokuba nathengwa ngenani;
1 kwabaseKorinte 10 : 31
31 Ngakho-ke noma nidla, noma niphuza, noma nenzani, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.
Leave a Reply