Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo amaqembu amancane
KumaHeberu 10 : 24 – 25
24 Asicabangelaneni ukuze sivuselelane othandweni nasemisebenzini emihle;
25 singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye; kodwa sikhuthazane, ikakhulu njengoba libona usuku lusondela.
1 kwabaseThesalonika 5 : 11
11 Ngakho-ke duduzanani kanyekanye, nakhane, njengalokhu nisenza.
Mathewu 18 : 20
20 Ngokuba lapho kubuthene ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.
Izaga zikaSolomoni 27 : 17
17 Insimbi ilola insimbi; kanjalo umuntu ulola ubuso bomngane wakhe.
IzEnzo 2 : 42
42 Babephikelela emfundisweni yabaphostoli, nasekuhlanganyeleni, nasekuhlephuleni isinkwa, nasemithandazweni.
IzEnzo 2 : 46
46 Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa endlini ngendlu, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo.
Kwabase-Efesu 4 : 15 – 16
15 Kodwa sikhuluma iqiniso othandweni, sikhulele kuye ezintweni zonke, oyinhloko, uKristu;
16 okuvela kuye ukuthi umzimba wonke uhlanganiswe ngokufaneleyo, ubumbane, ngalokho okunikezwa yilelo nalelolunga, ngokokusebenza esilinganisweni sazo zonke izitho, ukhulisa umzimba kuze kuzakheka othandweni.
IzEnzo 5 : 42
42 Nsuku zonke ethempelini nasendlini ngendlu kabazange bayeke ukufundisa lokushumayela ngoJesu Kristu.
IzEnzo 20 : 20
20 lokuthi kangigodlanga lutho olungalisizanga, kodwa ngalitshela, ngalifundisa obala lendlu ngendlu;
IzEnzo 2 : 40 – 47
40 Wafakaza nangamanye amazwi amaningi, wabayala wathi: “Zisindiseni kulesi sizukulwane esiphambeneyo.
41 Khona abalamukele izwi lakhe ngokuthokoza babhapathizwa, kwenezelwa ngalona lolosuku abantu abangaba yizinkulungwane ezintathu.
42 Babephikelela emfundisweni yabaphostoli, nasekuhlanganyeleni, nasekuhlephuleni isinkwa, nasemithandazweni.
43 Ukwesaba kwehlela wonke umuntu; kwenzeka izimangaliso eziningi nezibonakaliso ngabaphostoli.
44 Bonke abakholwayo babendawonye, bahlanganyela zonke izinto;
45 bathengisa ngempahla yabo lempahla zabo, babela bonke njengokuswela kwawo wonke.
46 Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa endlini ngendlu, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo.
47 Bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.
2 kuThimothewu 3 : 16 – 17
16 Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu, ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni;
17 ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.
Amahubo 133 : 1
1 Ihubo likaDavide. Bheka, kuhle, kumnandi kanjani ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.
Leave a Reply