Lithini iBhayibheli amaparele – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana amaparele

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo amaparele

Mathewu 13 : 45
45 “Futhi umbuso wezulu ufana nomthengisi ofuna amaparele amahle;

Mathewu 7 : 6
6 Ninganiki izinja okungcwele, ningaphonsi amaparele enu phambi kwezingulube, funa ziwanyathele ngezinyawo zazo, ziphenduke, ziniklebhule.

Mathewu 13 : 46
46 Kwathi eselitholile iparele linye elinenani elikhulu, waya wathengisa ngakho konke anakho, walithenga.

Izaga zikaSolomoni 31 : 10
10 Ngubani ongathola umfazi oqotho? ngoba intengo yakhe idlula kakhulu amarubi.

1 kuThimothewu 2 : 9
9 Kanjalo nabesifazane mabagqoke izingubo ezifaneleyo, bazihlobise ngokuhlonipha nokuqonda; kungabi ngezinwele ezalukiweyo, negolide, namaparele, nezambatho ezinenani elikhulu;

UJobe 28 : 18
18 Amakhorali namaparele akunakukhulunywa ngawo, ngokuba intengo yokuhlakanipha ingaphezu kwamarubi.

1 kwabaseKorinte 6 : 19
19 Yini? Anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele okinina, enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo abenu na?

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *