Lithini iBhayibheli amandla omthandazo – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana amandla omthandazo

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo amandla omthandazo

EkaJokobe 5 : 16
16 Vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko wolungileyo unamandla amakhulu.

KwabaseFilipi 4 : 13
13 Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo.

1 kwabaseThesalonika 5 : 17
17 Khulekani ningaphezi.

Johane 14 : 14
14 Uma nicela utho egameni lami, ngolwenza.

EkaJokobe 1 : 5
5 Uma noma ubani kini entula ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu opha bonke ngobuhle, engasoli; njalo uzakuphiwa.

2 IziKronike 7 : 14
14 Uma abantu bami, ababizwa ngegama lami, bezithoba, bakhuleke, bafune ubuso bami, baphenduke ezindleleni zabo ezimbi; khona ngiyakuzwa ezulwini, ngithethelele isono sabo, ngiphilise izwe labo.

Johane 14 : 13
13 Noma yini eniyakukucela egameni lami ngiyakukwenza ukuba uBaba akhazimuliswe eNdodaneni.

KwabaseFilipi 4 : 7
7 Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.

Johane 15 : 7
7 Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, niyakukwenzelwa.

KwabaseFilipi 4 : 6
6 Ningakhathazeki ngalutho; kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga.

KwabaseRoma 8 : 26 – 27
26 Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu, ngokuba asikwazi esingakucela ngokufanele, kepha uMoya uqobo usikhulekela ngokububula okungenakuphinyiselwa.
27 Kepha yena ohlola izinhliziyo uyakwazi okuqondwa nguMoya, ngokuba ukhulumela abangcwele ngokwentando kaNkulunkulu.

1 kaJohane 5 : 14
14 Yilokhu ukuqiniseka esinakho kuye, ukuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa;

Mathewu 6 : 9 – 13
9 Ngakho anokhuleka kanje: Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho.
10 Umbuso wakho mawufike. Mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.
11 Usiphe lamuhla isinkwa sethu sensuku zonke;
12 Usithethelele amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanamacala kithi.
13 Ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi, ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.

Marku 11 : 24
24 Ngakho-ke ngithi kini: Konke enikucelayo nikhuleka, kholwani ukuthi nikutholile, niyakuba nakho.

Johane 16 : 23
23 Ngalolosuku kaliyikungibuza lutho. Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini: Noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami uyakuninika khona.

KwabaseFilipi 1 : 9 – 11
9 Nalokhu ngiyakhuleka ukuba uthando lwenu luvame kakhulu ekwazini nasekuqondeni konke;
10 ukuze nivume izinto ezinhle kakhulu; ukuze nibe msulwa, ningabi nacala, kuze kufike usuku lukaKristu;
11 nigcwaliswe ngezithelo zokulunga ezingoJesu Kristu, kube yinkazimulo nodumo kuNkulunkulu.

Marku 11 : 25
25 Nxa nimi nikhuleka, thethelelani, uma ninamagqubu nomunye, ukuze noYihlo osezulwini anithethelele iziphambeko zenu.

Kwabase-Efesu 6 : 18
18 ngokukhuleka konke nokunxusa nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya, nikulinde ngokubekezela okukhulu nokunxusela abangcwele bonke;

2 kwabaseKorinte 10 : 4 – 5
4 (Ngokuba izikhali zempi yethu azisizo ezenyama, kodwa ngaye uNkulunkulu zinamandla okubhidliza izinqaba;)
5 siwisa imicabango, nakho konke okuphakemeyo oziphakamisayo okuphambene nolwazi lukaNkulunkulu, sithumba yonke imicabango ekumlaleleni uKristu;

2 kuThimothewu 1 : 7
7 Ngokuba uNkulunkulu akasinikanga umoya wokwesaba; kodwa ngamandla, lothando, lengqondo ephilileyo.

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *