Lithini iBhayibheli Amakhethini – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana Amakhethini

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Amakhethini

UEksodusi 27 : 18
18 Ubude begceke bube yizingalo eziyikhulu, ububanzi bube yizingalo ezingamashumi ayisihlanu yonke indawo, ukuphakama kube yizingalo eziyisihlanu zelineni elicolekileyo elisontiwe, izisekelo zazo zibe yithusi.

UEksodusi 36 : 18
18 Wenza izingwegwe ezingamashumi ayisihlanu zethusi zokuhlanganisa itabernakele, libe linye.

U-Isaya 40 : 22
22 Nguye ohlezi esiyingelezini somhlaba, nabakhileyo kuwo banjengesikhonyane; oweneka izulu njengesihenqo, waleneka njengetende lokuhlala;

U-Isaya 54 : 2
2 Yenze ibe banzi indawo yetende lakho, zelule izilenge zezindlu zakho;

UJeremiya 4 : 20
20 Kumenyezelwa incithakalo phezu kokubhujiswa; ngokuba izwe lonke selichithekile; kungazelelwe amatende ami abhidlika nezilenge zami ngokuphazima kweso.

UJeremiya 10 : 20
20 Itabernakele lami lichithiwe, nezintambo zami zonke zephuliwe; abantwana bami baphumile kimi, futhi abasekho; akasekho ongagxumeka itende lami, amise amakhethini ami.

UJeremiya 49 : 29
29 Bayakuthatha amatende abo nemihlambi yabo; kumelwe bazithathele izindwangu zabo zamatende nazo zonke izitsha zabo namakamela abo; futhi bayobiza kubo: Ukwesaba kusizungezile!

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *