Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo amahlelo
1 kwabaseKorinte 1 : 10
10 Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nikhulume nto-nye nonke, kungabikho ukwahlukana phakathi kwenu; kodwa ukuze nihlanganiswe ngokugcwele emqondweni munye nasekuboneni kunye.
1 kwabaseKorinte 1 : 12 – 13
12 Kepha ngisho lokhu ukuthi yilowo nalowo kini uthi: Mina ngingokaPawulu; mina ngingoka-Apholo; mina ngingokaKhefase; futhi mina ngikaKristu.
13 UKristu uhlukene yini na? UPawulu wabethelwa esiphambanweni ngenxa yenu na? noma nabhapathizwa egameni likaPawulu na?
KuThithu 2 : 1
1 Kepha wena khuluma izinto ezifanele isifundiso esiphilileyo;
Kwabase-Efesu 4 : 4 – 5
4 Munye umzimba, munye uMoya, njengalokho nabizelwa ethembeni linye lokubizwa kwenu;
5 yinye iNkosi, yinye inkolo, munye umbhapathizo,
2 kaJohane 1 : 9
9 Lowo oweqayo, njalo engahlali emfundisweni kaKristu, kalaNkulunkulu; Lowo ohlala emfundisweni kaKristu unabo bobabili uYise neNdodana.
KwabaseGalathiya 1 : 6 – 10
6 Ngiyamangala ngokuthi nihlubuke masinya kangaka kulowo owanibizela emuseni kaKristu, niye kwelinye ivangeli;
7 Okungesikho okunye; kepha bakhona abanihluphayo, befuna ukuphendukezela ivangeli likaKristu.
8 Kepha noma yithina noma ingelosi evela ezulwini inishumayeza ivangeli eliphambene nalelo esanishumayeza lona, makabe ngoqalekisiweyo.
9 Njengoba sesishilo ngaphambili, ngiyaphinda futhi manje: Uma umuntu enishumayeza ivangeli eliphambene nalelo enalamukelayo, makabe ngoqalekisiweyo.
10 Ngokuba manje ngiyabancenga abantu noma uNkulunkulu na? noma ngifuna ukujabulisa abantu na? ngoba uma ngisathokozisa abantu, ngabe angisiyo inceku kaKristu.
KwabaseRoma 16 : 17
17 Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ukuba niqaphele ababanga ukwahlukana nezikhubekiso bephambene nesifundiso enasifundiswa nina; futhi ubagweme.
Mathewu 7 : 21 – 23
21 Akusibo bonke abathi kimi: Nkosi, Nkosi, abayakungena embusweni wezulu; kodwa lowo owenza intando kaBaba osezulwini.
22 Abaningi bayakuthi kimi ngalolo suku: Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini egameni lakho na? ngegama lakho bakhipha amademoni na? futhi ngegama lakho senze izimangaliso eziningi na?
23 Khona ngiyakufakaza kubo ukuthi: Angizange nginazi; sukani kimi nina benzi bokubi.
Leave a Reply