Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo amageyimu evidiyo
KwabaseFilipi 4 : 8
8 Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhle, konke okulungileyo, konke okuhlanzekileyo, konke okuthandekayo, konke okutusekayo; uma kukhona okuhle, noma kukhona ukubongwa, zindlani ngalezizinto.
UDuteronomi 22 : 9
9 Akumelwe uhlwanyele isivini sakho ngembewu ehlukahlukene, funa isithelo sembewu oyihlwanyele nesithelo sesivini sakho singangcoliswa.
Amahubo 101 : 3
3 Angiyikubeka okubi phambi kwamehlo ami; ngiyawuzonda umsebenzi wabahlubukayo; ngeke kunginamathele.
1 kwabaseThesalonika 5 : 22
22 Dedani kukho konke okubi.
Amahubo 11 : 5
5 UJehova uyamhlola olungileyo, kepha omubi nabathanda ubudlwangudlwangu bayawuzonda umphefumulo wakhe.
2 kuThimothewu 2 : 22
22 Kepha balekela izinkanuko zobusha, kepha ulandele ukulunga, nokukholwa, nothando, nokuthula kanye nabakhuleka eNkosini ngenhliziyo emhlophe.
KwabaseKolose 3 : 5
5 Ngakho bulalani amalungu enu asemhlabeni; ubufebe, ukungcola, inkanuko, inkanuko embi, lokuhaha, okuyikukhonza izithombe;
Kwabase-Efesu 5 : 11
11 Futhi ningabi nenhlanganyelo nemisebenzi yobumnyama engatheli, kodwa kunalokho niyisole.
Kwabase-Efesu 4 : 19
19 abathi sebephelelwe yimizwa bazinikele emanyaleni ukuze basebenze ukungcola konke ngokuhuheka.
EkaJokobe 3 : 11
11 Umthombo uyaphuma yini endaweni eyodwa amanzi amnandi ababayo na?
1 kwabaseKorinte 10 : 23
23 Zonke izinto zivunyelwe kimi, kepha akusizi konke; kuvunyelwe kimi zonke, kepha akwakhi zonke.
Amahubo 90 : 12
12 Ngakho sifundise ukubala izinsuku zethu, ukuze siphendule izinhliziyo zethu ekuhlakanipheni.
Amahubo 103 : 11
11 Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba, unjalo umusa wakhe kwabamesabayo.
Amahubo 119 : 37
37 Susa amehlo ami angaboni okuyize; ungenze ngiphile endleleni yakho.
Luka 12 : 15 – 21
15 Wathi kubo: Qaphelani, nixwaye ukuhaha, ngokuba ukuphila komuntu akumi echichimeni lempahla yakhe.
16 Wasebatshela umfanekiso, esithi: Insimu yomuntu othile onothileyo yathela kakhulu;
17 Wazindla phakathi kwakhe, wathi: Ngizakwenzani, lokhu kangilandawo lapho engingabuthela khona izithelo zami?
18 Wasesithi: Lokhu ngizakwenza: ngizadiliza izinqolobane zami, ngakhe ezinkulu; ngizabuthela khona zonke izithelo zami lempahla yami.
19 Ngizakuthi kuwo umphefumulo wami: Mphefumulo, ulempahla enengi ebekelelwe iminyaka eminengi; khululeka, udle, uphuze, ujabule.
20 Kodwa uNkulunkulu wathi kuye: Siphukuphuku, ngalobubusuku umphefumulo wakho uzakubizwa kuwe;
21 Unjalo oziqongelelela ingcebo, engacebile kuNkulunkulu.
U-Isaya 41 : 10
10 Ningesabi; ngoba mina nginani; ningethuki; ngoba nginguNkulunkulu wenu; Ngizokuqinisa; yebo, ngizokusiza; yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.
UNumeri 33 : 52
52 Khona-ke kumelwe nixoshe bonke abakhileyo ezweni phambi kwenu futhi nibhubhise zonke izithombe zabo eziqoshiwe futhi nibhubhise zonke izithombe zabo ezibunjiwe futhi nizidilize zonke izindawo zabo eziphakemeyo.
KwabaseKolose 3 : 23 – 24
23 Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo, kungathi kwenzelwa iNkosi, hhayi abantu;
24 nazi ukuthi niyakwamukela umvuzo wefa eNkosini, ngokuba nikhonza iNkosi uKristu.
Marku 7 : 15
15 Akukho lutho olungaphandle komuntu olungena kuye olungamngcolisa;
1 kuThimothewu 4 : 4
4 Ngoba sonke isidalwa sikaNkulunkulu sihle, kakulahlwa lutho, uba samukelwe ngokubonga;
Leave a Reply