Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo amagama kaJesu
U-Isaya 9 : 6
6 Ngokuba sizalelwe umntwana, siphiwe indodana, nombuso uyakuba sehlombe lakhe, negama lakhe liyakuthiwa oMangalisayo, uMluleki, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.
IsAmbulo 22 : 13
13 Mina ngingu-Alfa no-Omega, isiqalo nesiphetho, owokuqala nowokugcina.
Johane 8 : 58
58 UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: U-Abrahama engakabi khona, mina ngikhona.
IsAmbulo 1 : 8
8 Mina ngingu-Alfa no-Omega, isiqalo nesiphetho, isho iNkosi, ekhona, neyayikhona, nezayo, uMninimandla onke.
Johane 1 : 1
1 Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu.
Mathewu 1 : 23
23 Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, bayiqambe igama lokuthi u-Emanuweli, okungukuthi ngokuhunyushwa, uNkulunkulu unathi.
Leave a Reply