Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo amadoda amnyama
Isihlabelelelo Sezihlabelelo 1 : 5 – 6
5 Ngimnyama, kepha ngimuhle, madodakazi aseJerusalema, njengamatende akwaKedari, njengezilenge zikaSolomoni.
6 Ningangibheki, ngokuba ngimnyama, ngokuba ilanga lingibhekile; abantwana bakamama bangithukuthelela; bangibeka umlindi wezivini; kodwa mina angisigcinanga isivini sami.
IsAmbulo 1 : 15
15 Izinyawo zakhe zazifana nethusi elicwengekileyo, sengathi zishiswe esithandweni; lelizwi lakhe linjengomsindo wamanzi amanengi.
UHezekeli 16 : 26
26 Wafeba nabaseGibithe, abakhelwane bakho, abakhulu ngenyama; ngandisa ubufebe bakho ukuze ungicunule.
UJeremiya 38 : 7
7 U-Ebhedi-Melegi umKushe, omunye wabathenwa owayesendlini yenkosi, wezwa ukuthi bamfake uJeremiya emthonjeni; inkosi yayihlezi esangweni lakwaBenjamini;
UDaniyeli 7 : 9
9 Ngabuka zaze zaphonswa phansi izihlalo zobukhosi, kwahlala oMdala wezinsuku, ingubo yakhe imhlophe njengeqhwa, nezinwele zekhanda lakhe zinjengoboya bezimvu obuhlanzekileyo; isihlalo sakhe sobukhosi sasinjengelangabi lomlilo namasondo aso njengomlilo ovuthayo.
Leave a Reply