Lithini iBhayibheli amadoda ahlukumezayo – Wonke amavesi eBhayibheli mayelana amadoda ahlukumezayo

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo amadoda ahlukumezayo

Izaga zikaSolomoni 20 : 30
30 Ubuhlaza besilonda bususa ububi; kanjalo nemivimbo engaphakathi esiswini.

Kwabase-Efesu 5 : 25 – 29
25 Madoda, thandani omkenu, njengalokho noKristu walithanda ibandla, wazinikela ngenxa yalo;
26 ukuze alingcwelise, alihlambulule ngesigezo samanzi ngezwi;
27 ukuze azimise phambi kwakhe ibandla elinenkazimulo, elingenasisihla, noma umbimbi, nanto enjalo; kodwa ukuthi libe ngcwele njalo lingelasici.
28 Kanjalo amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. Othanda umkakhe uzithanda yena.
29 Ngokuba akakho owake wazonda eyakhe inyama; kodwa uyayondla futhi ayinakekele, njengoba nje neNkosi ibandla.

KwabaseKolose 3 : 19
19 Madoda, thandani omkenu, ningabazondi.

1 kaPetru 3 : 7
7 Kanjalo nani madoda, hlalani nabo ngokokwazi, nibanike udumo njengesitsha esibuthakathaka kakhudlwana, nanjengezindlalifa kanye nani zomusa wokuphila; ukuze imikhuleko yenu ithiye.

Izaga zikaSolomoni 26 : 3
3 Isiswebhu ngehhashi, netomu ngembongolo, nodondolo ngemhlane wesiwula.

1 kwabaseKorinte 7 : 12 – 16
12 Kepha kwabanye ngithi mina, akusho iNkosi: Uma umzalwane enomfazi ongakholwayo, yena-ke evuma ukuhlala naye, makangamlahli.
13 Nowesifazane onendoda engakholwayo, futhi uma ivuma ukuhlala naye, angayishiyi.
14 Ngokuba indoda engakholwayo ingcwelisiwe ngomfazi, nomfazi ongakholwayo ungcwelisiwe ngendoda; uma kungenjalo abantwana benu ngabe bangcolile; kodwa manje bangcwele.
15 Kepha uma ongakholwayo ehlukana naye, makamuke; Umzalwane noma umzalwanekazi akaboshiwe kokunjalo, kepha uNkulunkulu usibizele ekuthuleni.
16 Ngokuba wazini wena mfazi, ukuthi awuyikusindisa indoda yakho na? Wena ndoda, wazi ngani ukuthi uyakumsindisa umkakho na?

1 kwabaseKorinte 7 : 11
11 Kepha uma ehlukana naye, akahlale engaganile, noma abuyisane nendoda yakhe, nendoda ingamlahli umkayo.

1 kaJohane 1 : 9
9 Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile, ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.

Marku 10 : 2 – 12
2 Kwasekusiza kuye abaFarisi, bambuza bathi: Kuvunyelwe yini ukuthi indoda ilahle umkayo? emlinga.
3 Wasephendula wathi kubo: UMozisi walilaya ngani?
4 Basebesithi: UMozisi wavumela ukuloba incwadi yesahlukaniso, lokumala.
5 UJesu waphendula, wathi kubo: Ngobulukhuni benhliziyo yenu walilobela lowomyalo.
6 Kodwa kusukela ekuqaleni kokudalwa uNkulunkulu wabenza owesilisa nowesifazane.
7 Ngenxa yalokhu indoda izatshiya uyise lonina, inamathele kumkayo;
8 Labo ababili bayakuba nyamanye; ngakho abasebabili, kodwa banyamanye.
9 Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu, makungahlukaniswa muntu.
10 Endlwini abafundi bakhe baphinda bambuza ngayo leyo nto.
11 Wathi kubo: “Yilowo nalowo olahla umkakhe, aganwe ngomunye, uyaphinga kuye.
12 Noma owesifazane elahla indoda yakhe, agane enye, uyaphinga.

1 kwabaseKorinte 7 : 10
10 Labashadile ngiyabayala, kungemina kodwa yiNkosi, ukuthi umfazi makangahlukani nendoda;

Luka 16 : 18
18 “Yilowo nalowo olahla umkakhe, aganwe ngomunye, uyaphinga;

1 kaPetru 3 : 1
1 Ngokunjalo, bafazi, thobelani amadoda enu; ukuze kuthi, uma bekhona abangalilaleli izwi, bazuzwe ngaphandle kwezwi ngenkambo yabafazi;

KumaHeberu 13 : 4
4 Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, nombhede ungabi nasisihla, kepha izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.

KwabaseRoma 7 : 2
2 Ngokuba owesifazane onendoda uboshelwe ngomthetho endodeni yakhe isekhona; kepha uma indoda isifile, ukhululiwe emthethweni wendoda.

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *