Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo Abesifazane abangamaKristu
1 kuThimothewu 2 : 9
9 Kanjalo nabesifazane mabagqoke izingubo ezifaneleyo, bazihlobise ngokuhlonipha nokuqonda; kungabi ngezinwele ezalukiweyo, negolide, namaparele, nezambatho ezinenani elikhulu;
1 kuThimothewu 2 : 12
12 Kepha angimvumeli owesifazane ukuba afundise, nokuba abuse phezu kwendoda, kodwa ukuba athule.
KwabaseKolose 3 : 20
20 Bantwana, lalelani abazali benu ezintweni zonke, ngokuba lokho kuyathandeka eNkosini.
KwabaseGalathiya 3 : 28
28 Akakho umJuda namGreki, akakho oboshiweyo nokhululekileyo, akakho owesilisa nowesifazane, ngokuba nina nonke nimunye kuKristu Jesu.
1 kuThimothewu 2 : 11
11 Owesifazane makafunde ethule ngokuzithoba konke.
UDuteronomi 22 : 5
5 Owesifazane angagqoki okwendoda, nendoda ayiyigqoki ingubo yowesifazane; ngokuba bonke abenza lokhu bayisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho.
Leave a Reply