Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo abesifazane
1 kuThimothewu 2 : 11 – 15
11 Owesifazane makafunde ethule ngokuzithoba konke.
12 Kepha angimvumeli owesifazane ukuba afundise, nokuba abuse phezu kwendoda, kodwa ukuba athule.
13 Ngokuba u-Adamu wabunjwa kuqala, kwase kuba u-Eva.
14 Futhi u-Adamu akakhohliswanga, kodwa owesifazane ekhohlisiwe waba esonweni.
15 Nokho uyakusindiswa ngokuzala abantwana, uma behlala ekukholweni nasothandweni nasebungcweleni kanye nokuqonda.
1 kuThimothewu 2 : 11 – 12
11 Owesifazane makafunde ethule ngokuzithoba konke.
12 Kepha angimvumeli owesifazane ukuba afundise, nokuba abuse phezu kwendoda, kodwa ukuba athule.
1 kwabaseKorinte 14 : 34 – 35
34 Abesifazane benu mabathule emabandleni, ngokuba abavunyelwe ukukhuluma; kepha bayalwa ukuba balalele, njengokuba usho nomthetho.
35 Uma befuna ukufunda utho, mababuze emadodeni abo emakhaya, ngokuba kuyihlazo kwabesifazane ukukhuluma ebandleni.
1 kwabaseKorinte 11 : 5
5 Kodwa yilowo nalowo wesifazane okhuleka noma eprofetha ikhanda lakhe lingagutshuzelwe uhlazisa ikhanda lakhe, ngokuba lokho kufana nokuthi uphuciwe.
Izaga zikaSolomoni 31 : 30 – 31
30 Ubuhle buyinkohliso, nobuhle buyize; kepha owesifazane owesaba uJehova uyakudunyiswa.
31 Mnikeni ezinye zezithelo zezandla zakhe; nemisebenzi yakhe mayimdumise emasangweni.
Izaga zikaSolomoni 31 : 26
26 Uvula umlomo wakhe ngokuhlakanipha; nolimi lwakhe kukhona umthetho womusa.
Kwabase-Efesu 5 : 22 – 33
22 Bafazi, thobelani amadoda enu kungathi kukuyo iNkosi.
23 Ngokuba indoda iyinhloko yomfazi, njengokuba noKristu eyinhloko yebandla, yena engumsindisi womzimba.
24 Ngakho-ke njengokuba ibandla lithobela uKristu, kanjalo nabafazi mabathobele amadoda abo kukho konke.
25 Madoda, thandani omkenu, njengalokho noKristu walithanda ibandla, wazinikela ngenxa yalo;
26 ukuze alingcwelise, alihlambulule ngesigezo samanzi ngezwi;
27 ukuze azimise phambi kwakhe ibandla elinenkazimulo, elingenasisihla, noma umbimbi, nanto enjalo; kodwa ukuthi libe ngcwele njalo lingelasici.
28 Kanjalo amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. Othanda umkakhe uzithanda yena.
29 Ngokuba akakho owake wazonda eyakhe inyama; kodwa uyayondla futhi ayinakekele, njengoba nje neNkosi ibandla.
30 Ngokuba singamalungu omzimba wakhe, awenyama yakhe, singamathambo akhe.
31 Ngalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo, futhi labo ababili bayakuba nyamanye.
32 Le yimfihlakalo enkulu, kepha ngikhuluma ngoKristu nebandla.
33 Nokho-ke yilowo nalowo kini makathande umkakhe njengalokhu ezithanda yena; nomfazi makahloniphe indoda yakhe.
KuThithu 2 : 3 – 5
3 Ngokunjalo nabesifazane asebekhulile baziphathe ngendlela efanele ubungcwele, bangabi ngabahlebi, bangabi yizigqila zewayini eliningi, babe abafundisi bokuhle;
4 ukuze bafundise abesifazane abasha ukuba nezithiyo, bathande abayeni babo, bathande abantwana babo,
5 babe ngabaqondayo, abamhlophe, abagcina imizi, abalungile, abathobela amadoda abo, ukuze izwi likaNkulunkulu lingahlanjalazwa.
Izaga zikaSolomoni 21 : 9
9 Kungcono ukuhlala ekhoneni lophahla kunokuhlala endlini ebanzi nowesifazane oxabanayo.
Kwabase-Efesu 5 : 23 – 24
23 Ngokuba indoda iyinhloko yomfazi, njengokuba noKristu eyinhloko yebandla, yena engumsindisi womzimba.
24 Ngakho-ke njengokuba ibandla lithobela uKristu, kanjalo nabafazi mabathobele amadoda abo kukho konke.
KwabaseGalathiya 3 : 26 – 29
26 Ngokuba nina nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuKristu Jesu.
27 Ngoba lina lonke elabhabhathizelwa kuKristu lembethe uKristu.
28 Akakho umJuda namGreki, akakho oboshiweyo nokhululekileyo, akakho owesilisa nowesifazane, ngokuba nina nonke nimunye kuKristu Jesu.
29 Uma ningabakaKristu, niyinzalo ka-Abrahama, niyizindlalifa ngokwesithembiso.
Izaga zikaSolomoni 14 : 1
1 Wonke owesifazane ohlakaniphileyo uyakha indlu yakhe, kepha oyisiwula uyayidiliza ngezandla zakhe.
1 kaPetru 3 : 1 – 22
1 Ngokunjalo, bafazi, thobelani amadoda enu; ukuze kuthi, uma bekhona abangalilaleli izwi, bazuzwe ngaphandle kwezwi ngenkambo yabafazi;
2 bebona inkambo yenu emhlophe kanye nokwesaba.
3 Ukuhloba kwenu makungabi ngokokwangaphandle, okokwaluka izinwele, nokokufaka igolide, noma okokwembatha izingubo;
4 Kodwa makube ngumuntu osithekileyo wenhliziyo, ekuhlobeni okungaboliyo, okungomoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu.
5 Ngokuba endulo bazihlobisa nabesifazane abangcwele abamethembayo uNkulunkulu, bethobela amadoda abo;
6 njengoba nje uSara wamlalela uAbrahama embiza ngokuthi nkosi;
7 Kanjalo nani madoda, hlalani nabo ngokokwazi, nibanike udumo njengesitsha esibuthakathaka kakhudlwana, nanjengezindlalifa kanye nani zomusa wokuphila; ukuze imikhuleko yenu ithiye.
8 Elokugcina manibe nomqondo munye nonke, nihawukelane, nithandane njengabazalwane, nihawukele, nibe nomusa;
9 ningaphindiseli okubi ngokubi, nokuthuka ngokuthuka, kodwa ngokuphambene nibusise; nazi ukuthi nabizelwa lokho, ukuze nidle ifa lesibusiso.
10 Ngokuba lowo othanda ukuphila, nokubona izinsuku ezinhle, makabambe ulimi lwakhe kokubi, nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso;
11 Makagweme okubi, enze okuhle; makafune ukuthula, akulandele.
12 Ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo, nezindlebe zayo zisemikhulekweni yabo; kepha ubuso beNkosi bumelene nabenza okubi.
13 Ngubani onganilimaza, uma nilingisa okuhle na?
14 Kepha uma nihlupheka ngenxa yokulunga, nibusisiwe;
15 Kodwa ngcwelisani iNkosi uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu, njalo lilungele ukuphendula wonke umuntu olibuza ngesizatho sethemba elikini, ngobumnene langokwesaba;
16 Lilonembeza omuhle; ukuze kuthi lapho benihleba ngokungathi ningabenzi bokubi, bajabhe labo abaqamba amanga ukuziphatha kwenu okuhle kuKristu.
17 Ngokuba kungcono ukuhlupheka ngokwenza okuhle, uma kuyintando kaNkulunkulu, kunokuhlupheka nenza okubi.
18 Ngokuba noKristu wahlupheka kwaba kanye ngenxa yezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuze asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni, kodwa ephiliswa ngoMoya;
19 Ngakho wahamba washumayela imimoya esetilongweni;
20 Eyayingalaleli ngesinye isikhathi, lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kulindile ezinsukwini zikaNowa, kusakhiwa umkhumbi, okwasindiswa ngawo abayingcosana, okungukuthi, imiphefumulo eyisishiyagalombili.
21 Umfanekiso onjengawo umbhapathizo osusisindisa ngawo manje, kungesikho ukususa insila yenyama, kodwa impendulo kanembeza omuhle kuNkulunkulu, ngokuvuka kukaJesu Kristu;
22 Owenyukela ezulwini, ongakwesokunene sikaNkulunkulu; izingelosi, namandla, namandla, kuthotshiswe phansi kwakhe.
Amahubo 46 : 5
5 UNkulunkulu uphakathi kwawo; ngeke antengantenge: uNkulunkulu uzomsiza, futhi kusesekuseni.
Izaga zikaSolomoni 31 : 25
25 Amandla nodumo yizingubo zakhe; futhi uzojabula ngesikhathi esizayo.
Leave a Reply