Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo abayeni
1 kaPetru 3 : 7
7 Kanjalo nani madoda, hlalani nabo ngokokwazi, nibanike udumo njengesitsha esibuthakathaka kakhudlwana, nanjengezindlalifa kanye nani zomusa wokuphila; ukuze imikhuleko yenu ithiye.
KwabaseKolose 3 : 19
19 Madoda, thandani omkenu, ningabazondi.
Kwabase-Efesu 5 : 25
25 Madoda, thandani omkenu, njengalokho noKristu walithanda ibandla, wazinikela ngenxa yalo;
Kwabase-Efesu 5 : 28
28 Kanjalo amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. Othanda umkakhe uzithanda yena.
1 kuThimothewu 5 : 8
8 Kepha uma umuntu engabondli abakhe, ikakhulu abendlu yakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo.
Umshumayeli 9 : 9
9 Hlala ngokuthokoza nowesifazane omthandayo zonke izinsuku zokuphila kwakho okuyize akunike zona phansi kwelanga, zonke izinsuku zakho eziyize; ngokuba lokhu kuyisabelo sakho kulokhu kuphila nasemshikashikeni wakho owenzayo phansi kwelanga.
Kwabase-Efesu 5 : 22 – 33
22 Bafazi, thobelani amadoda enu kungathi kukuyo iNkosi.
23 Ngokuba indoda iyinhloko yomfazi, njengokuba noKristu eyinhloko yebandla, yena engumsindisi womzimba.
24 Ngakho-ke njengokuba ibandla lithobela uKristu, kanjalo nabafazi mabathobele amadoda abo kukho konke.
25 Madoda, thandani omkenu, njengalokho noKristu walithanda ibandla, wazinikela ngenxa yalo;
26 ukuze alingcwelise, alihlambulule ngesigezo samanzi ngezwi;
27 ukuze azimise phambi kwakhe ibandla elinenkazimulo, elingenasisihla, noma umbimbi, nanto enjalo; kodwa ukuthi libe ngcwele njalo lingelasici.
28 Kanjalo amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. Othanda umkakhe uzithanda yena.
29 Ngokuba akakho owake wazonda eyakhe inyama; kodwa uyayondla futhi ayinakekele, njengoba nje neNkosi ibandla.
30 Ngokuba singamalungu omzimba wakhe, awenyama yakhe, singamathambo akhe.
31 Ngalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo, futhi labo ababili bayakuba nyamanye.
32 Le yimfihlakalo enkulu, kepha ngikhuluma ngoKristu nebandla.
33 Nokho-ke yilowo nalowo kini makathande umkakhe njengalokhu ezithanda yena; nomfazi makahloniphe indoda yakhe.
Mathewu 5 : 28
28 Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo obuka owesifazane, amkhanuke, usephingile naye enhliziyweni yakhe.
UMalaki 2 : 14 – 16
14 Kodwa lina lithi: Ngani? Ngokuba uJehova wayengufakazi phakathi kwakho nomfazi wobusha bakho owaphambuka kuye; nokho ungumngane wakho nomfazi wesivumelwano sakho.
15 Futhi akenzanga eyodwa na? Nokho wayenayo insali yomoya. Futhi kungani eyodwa? Ukuze afune inzalo kaNkulunkulu. Khona-ke qaphelani umoya wenu, futhi makungabikho muntu ongathembeki emfazini wobusha bakhe.
16 Ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli uyakuzonda ukusoka; ngokuba ngengubo yakhe umuntu usibekela ubudlova,” usho uJehova Sebawoti; qaphelani umoya wenu, ukuze ningenzi ngokungathembeki.
Kwabase-Efesu 5 : 31
31 Ngalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo, futhi labo ababili bayakuba nyamanye.
1 kwabaseKorinte 7 : 5
5 Lingagodlelani, ngaphandle kokuthi kube kukuvumelana okwesikhathi, ukuze lizinikele ekuzileni ukudla lekukhulekweni; nibuye nihlangane, ukuze uSathane anganilingi ngokungazithibi kwenu.
1 kwabaseKorinte 7 : 33
33 Kepha oshadile ukhathalela okwezwe, ukuthi angamthokozisa kanjani umkakhe.
ULevitikusi 18 : 19 – 23
19 Futhi ungasondeli kowesifazane ukuze uveze ihlazo lakhe, uma nje eyedwa ngenxa yokungcola kwakhe.
20 Ngaphezu kwalokho, akufanele ulale nomkamakhelwane wakho ukuze ungcoliswe ngaye.
21 Ungavumeli noyedwa wenzalo yakho ukuba adabule uMoloki emlilweni, ungahlambalazi igama likaNkulunkulu wakho. Mina nginguJehova.
22 Akumelwe ulale nendoda njengokungathi ulala nowesifazane: kuyisinengiso.
23 Aniyikulala naso isilwane ukuba ningcoliswe ngaso; akuyikuma phambi kwesilwane ukuba alale kuso; yikudideka.
1 kuThimothewu 2 : 11 – 15
11 Owesifazane makafunde ethule ngokuzithoba konke.
12 Kepha angimvumeli owesifazane ukuba afundise, nokuba abuse phezu kwendoda, kodwa ukuba athule.
13 Ngokuba u-Adamu wabunjwa kuqala, kwase kuba u-Eva.
14 Futhi u-Adamu akakhohliswanga, kodwa owesifazane ekhohlisiwe waba esonweni.
15 Nokho uyakusindiswa ngokuzala abantwana, uma behlala ekukholweni nasothandweni nasebungcweleni kanye nokuqonda.
1 kwabaseKorinte 11 : 3
3 Kepha ngithanda ukuba nazi ukuthi inhloko yawo wonke amadoda nguKristu; nenhloko yowesifazane yindoda; lenhloko kaKristu nguNkulunkulu.
1 kwabaseKorinte 13 : 1 – 13
1 Noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi, kepha ngingenalo uthando, ngiyithusi elikhencezayo nensimbi encencethayo.
2 Noma nginesiphiwo sokuprofetha, ngiqonda izimfihlakalo zonke nokwazi konke; noma nginokukholwa konke, ngangokuba ngingagudluza izintaba, kepha ngingenalo uthando, angiyinto yalutho.
3 Noma ngabela abampofu konke enginakho, noma nginikela ngomzimba wami ukuba ushiswe, kepha ngingenalo uthando, akungisizi ngalutho.
4 Uthando luyabekezela, lunomusa; uthando alunamhawu; uthando aluzikhukhumezi, aluzikhukhumezi;
5 Aluziphathi okungafanele, aluzifuneli okwalo;
6 Aluthokozi ngokungalungile, kepha luthokozela iqiniso;
7 lubekezelela izinto zonke, lukholwa yizinto zonke, luthemba izinto zonke, lukhuthazelela izinto zonke.
8 Uthando alusoze lwaphela; noma kukhona izilimi, ziyakunqamuka; noma kukhona ukwazi, kuyakunyamalala.
9 Ngokuba siyazi inxenye, siprofetha inxenye.
10 Kepha nxa kufika okupheleleyo, okuyinxenye kuyakuqedwa.
11 Lapho ngisengumntwana, ngakhuluma okomntwana, ngaqondisa okomntwana, ngazindla okomntwana;
12 Ngokuba manje sibona esibukweni kalufifi; kepha ngaleso sikhathi ubuso nobuso; manje ngazi inxenye; kodwa ngalesosikhathi ngizakwazi njengoba lami ngaziwa.
13 Manje-ke kumi ukukholwa, nokwethemba, nothando, lokho kokuthathu; kodwa okukhulu kukho konke uthando.
KwabaseKolose 3 : 17
17 Nanoma yini eniyenzayo, ngezwi noma ngomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngayo.
Leave a Reply