abathandekayo bethu abangasekho

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo abathandekayo bethu abangasekho

KwabaseFilipi 1 : 3
3 Ngiyambonga uNkulunkulu wami kukho konke ukunikhumbula;

IsAmbulo 14 : 13
13 Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, lithi kimi: Loba: Babusisiwe abafileyo abafele eNkosini kusukela manje. Yebo, usho uMoya, ukuze baphumule ekukhandlekeni kwabo; nemisebenzi yabo iyabalandela.

Amahubo 116 : 15
15 Kuyigugu emehlweni kaJehova ukufa kwabangcwele bakhe.

Johane 3 : 16
16 Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.

Marku 16 : 16
16 Okholwayo abhapathizwe uyakusindiswa; kodwa ongakholwayo uyakulahlwa.

Luka 23 : 43
43 UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Namuhla uzakuba nami eParadisi.

ULevitikusi 19 : 31
31 Ningayinaki imimoya yabafileyo, ningafuni abathakathi ukuba ningcoliswe yiyo; nginguJehova uNkulunkulu wenu.

Amahubo 103 : 13 – 16
13 Njengoyise ehawukela abantwana bakhe, kanjalo uJehova uhawukela abamesabayo.
14 Ngoba yena uyasazi isimo sethu; uyakhumbula ukuthi siluthuli.
15 Umuntu, izinsuku zakhe zinjengotshani; njengembali yasendle, uyaqhakaza kanjalo.
16 Ngokuba umoya uphephetha phezu kwayo, isuke; nendawo yawo ayisayikuyazi.

KwabaseRoma 12 : 2
2 Ningalingisi leli zwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibentsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu enhle, neyamukelekayo, nepheleleyo.

Johane 10 : 10
10 Isela alizi kodwa ukweba nokubulala nokubhubhisa; mina ngize ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime.

Amahubo 13 : 2 – 4
2 Koze kube nini ngizindla emphefumulweni wami, nginosizi enhliziyweni yami, na? koze kube nini isitha sami singibusa na?
3 Bheka, ungilalele, Jehova Nkulunkulu wami; khanyisa amehlo ami, ukuze ngingalali ubuthongo bokufa;
4 Isitha sami masingasho ukuthi: Mina ngisinqobile; nabangihluphayo bayajabula lapho nginyakaziswa.

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *