abantu abagulayo

Lawa ngamavesi eBhayibheli akhuluma ngawo abantu abagulayo

KwabaseRoma 8 : 28
28 Njalo siyazi ukuthi konke kusebenzelana kube ngokuhle kwabamthandayo uNkulunkulu, ababiziweyo ngecebo lakhe.

1 kwabaseKorinte 10 : 13
13 Anifikelwa ukulingwa okuvamile kubantu, kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu; kepha kanye nokulingwa uyakunenza nendlela yokuphunyuka, nize nibe-namandla okukuthwala.

KwabaseFilipi 4 : 13
13 Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo.

KwabaseRoma 10 : 10
10 Ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga; futhi ngomlomo kuvuma kube yinsindiso.

Izaga zikaSolomoni 31 : 6 – 7
6 Nika okudakwayo osondelayo, newayini kwabadabukileyo.
7 Makaphuze akhohlwe ubumpofu bakhe, angabe esacabanga usizi lwakhe.

KwabaseRoma 14 : 1 – 23
1 Obuthakathaka ekukholweni mamukeleni, kodwa kungabi ngokuphikisana.
2 Ngokuba omunye ukholwa ukuthi angadla konke; omunye obuthakathaka udla imifino.
3 Odlayo makangadeleli ongadli; futhi ongadliyo makangahluleli odlayo, ngokuba uNkulunkulu umamukele.
4 Ungubani wena owahlulela inceku yomunye na? ukuma noma ukuwa enkosini yaso. Yebo, uyakuphakanyiswa, ngokuba uNkulunkulu unamandla okummisa.
5 Omunye wazisa olunye usuku kunolunye, omunye wazisa izinsuku zonke. Yilowo nalowo makaqiniseke kweyakhe ingqondo.
6 Ohlonipha usuku ulugcina eNkosini; futhi lowo ongalunanzi usuku, eNkosini. Odlayo udla eNkosini, ngokuba ubonga uNkulunkulu; nongadliyo akadli ngenxa yeNkosi, futhi ubonga uNkulunkulu.
7 Ngokuba akakho phakathi kwethu oziphilela yena, akakho ozifela yena.
8 Ngokuba noma siphila, siphilela iNkosi; noma sifa, sifela iNkosi; ngakho-ke noma siphila, noma sifa, singabeNkosi.
9 Ngoba ngenxa yalokhu uKristu wafa, wabuye wavuka, waphila, ukuze abe yiNkosi yabafileyo nabaphilayo.
10 Kepha umahlulelani umfowenu na? Udelelani umfowenu na? ngoba sonke siyakuma phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu.
11 Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Kuphila kwami,” isho iNkosi, “amadolo onke ayakuguqa phambi kwami, nezilimi zonke ziyakudumisa uNkulunkulu.
12 Ngakho-ke yilowo nalowo kithi uyakuziphendulela kuNkulunkulu.
13 Ngakho-ke masingabe sisahlulelana, kepha kunalokho yahlulelani lokhu, ukuba kungabikho obeka isikhubekiso noma isikhubekiso endleleni yomzalwane.
14 Ngiyazi, futhi ngiyaqiniseka eNkosini uJesu, ukuthi akukho lutho oluyichilo ngokwalo;
15 Kepha uma umfowenu edabukiswa ngokudla, awusahambi ngokothando. Ungambhubhisi ngokudla kwakho, amfelayo uKristu.
16 Ngakho okuhle kwenu makungahlanjalazwa;
17 Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awusikho ukudla nokunatha; kodwa ukulunga, lokuthula, lenjabulo kuMoya oNgcwele.
18 Ngokuba okhonza uKristu ngalezizinto uyemukeleka kuNkulunkulu, ukholekile ebantwini.
19 Ngakho-ke kasilandeleni izinto eziletha ukuthula lezinto esingakhana ngazo.
20 Ungawuchithi umsebenzi kaNkulunkulu ngokudla. Zonke izinto zihlanzekile; kodwa kubi kulowomuntu odla ngokukhubeka.
21 Kuhle ukungadli inyama, nokungaliphuzi iwayini, nokunye umfowenu akhubeka ngakho, akhubeke, noma abe buthakathaka.
22 Ulokholo na? ube nakho phambi kukaNkulunkulu. Ubusisiwe ongazilahliyo kulokho akuvumelayo.
23 Ongabazayo, uma edla, ulahliwe, ngokuba engadli ngokukholwa; ngokuba konke okungaveli ekukholweni kuyisono.

1 kwabaseKorinte 3 : 16
16 Anazi yini ukuthi niyithempeli likaNkulunkulu nokuthi uMoya kaNkulunkulu uhlala kini na?

Izaga zikaSolomoni 21 : 17
17 Othanda injabulo uyakuba mpofu; othanda iwayini namafutha akayikuceba.

1 kaJohane 1 : 9
9 Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile, ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.

UMalaki 4 : 2
2 Kepha kinina enesaba igama lami, ilanga lokulunga liyakuphuma linokuphilisa phansi kwamaphiko alo; niyophuma nikhule njengamankonyane esibayeni.

KwabaseRoma 6 : 23
23 Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa; kodwa isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.

Comments

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *